Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kwengezwe nowayeyimenenja kaMasipala waKwaNongoma kwabasolwa ngenkohlakalo

Kwengezwe nowayeyimenenja kaMasipala waKwaNongoma kwabasolwa ngenkohlakalo

by | 29 November 2024

YIMEYA yaKwaNongoma uMnu Mshangane Ndabandaba (kwesokudla) nabanye abasolwa eboshwe nabo. Bayamaniswa necala lenkohlakalo yemali elinganiselwa ku-R800 000.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA.

PHUMLANI GAMA

KWENGEZWE ezinye izikhulu zikaMasipala waKwaNongoma kubasolwa emacaleni athinta inkohlakalo yemali elinganiselwa ku-R800 000.

UMnu Mthandeni Zungu, owayeyimenenja yalo mkhandlu, zimkhalele njengoba engumsolwa wesikhombisa kubasolwa abayanyaniswa namacala awu-57 athinta ukudliwa bhusende kwemali yabakhokhintela.

NgoLwesihlanu olwedlule kuboshwe iMeya yalo masipala uMnu Mshangane Ndabandaba, isekela lakhe uMnu Sabelo Nkosi noNkk Babongile Sithole, ongusomlomo.

UZungu uboshwe noMnu Njabulo Dludla, owayeyimenenja ehhovisi lezokuphathwa kwemali kulo masipala, uMnu Khulekani Manqele owayeyimenenja ehhovisi lezokunikezelwa kwezimvume zokuthengwa kwempahla kamasipala nokukhishwa kwemisebenzi, noMnu Vukani Gumede oyilungu lomphakathi.

Kumanje kusenokunqakisana ngamazwi phakathi kombuso nabameli babasolwa, kubangwa udaba lokuba kuqalwe ukulalelwa kwezicelo zokudedelwa ngebheyili kwabasolwa ababoshwe ngoLwesihlanu. Umbuso uthi kayikho imantshi elungele ukulalela izethulo zabameli babasolwa.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...