Ilanga News
Home 9 Featured 9 Udedelwe ngoshwele kaMswati III owayeyilungu lephalamende

Udedelwe ngoshwele kaMswati III owayeyilungu lephalamende

by | 4 November 2025

KUBALWA nowayeyilungu lephalamende laseSwazini, uMnu Mthandeni Dube (46), kubantu abawu-12 abadedelwe ngoshwele weNgonyama uMakhosetive “Mswati III” Dlamini.

UDube waboshwa noMnu Bacede Mabuza, nabanye, emuva kokuba babeyizishoshovu ezilwela ukuthi izwe lakwaNgwane libuswe ngokuthi kube nohulumeni ozokhethwa ngabantu, kungabi yiNgonyama uDlamini ehola izwe. UDube wayeyilungu lephalamende elimele isiFunda iNgwempisi, kaManzini.

Nakuba ededelwe uDube namuhla, kanye nezinye iziboshwa, kodwa akucaci ngekusasa likaMabuza. Laba baboshwe ngo-2020 ngesikhathi izwe ligutshuzelwe yimibhikisho, izakhamizi zifuna inkululeko. Kwacekelwa phansi izakhiwo, kwafa abantu abaningi ngesikhathi amaphoyisa namasosha eyalelwe ukuba adambise isimo.

Ngakolunye uhlangothi, kunamaphoyisa namasosha abulawa ngesikhathi kuqhubeka le mibhikisho. UDube uthe kayikho inhlangano yezombusazwe angaphansi kwayo. Uthe yena ubehola umphakathi ngemuva kokuba kube yiwona owahlangana, wamphakamisa ukuba awuhole.

Abadedelwe bayalwe ngokubaluleka kokuziphatha kahle emiphakathini. Kwabebeboshiwe kubalwa nabesifazane ababili.

UDube ubonge ukwesekwa ngamalungu omphakathi ngesikhathi ebhekene nesimo esinzima.

“Ngibonga umndeni wami, abefundisi, amakhosi, abaholi bomphakathi nabo bonke abesikhulekela. Ngiyajabula ukuthi namuhla ngibuyela ekhaya,” kusho uDube.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...