Ilanga News
Home 9 Featured 9 Udedelwe ngoshwele kaMswati III owayeyilungu lephalamende

Udedelwe ngoshwele kaMswati III owayeyilungu lephalamende

by | 4 November 2025

KUBALWA nowayeyilungu lephalamende laseSwazini, uMnu Mthandeni Dube (46), kubantu abawu-12 abadedelwe ngoshwele weNgonyama uMakhosetive “Mswati III” Dlamini.

UDube waboshwa noMnu Bacede Mabuza, nabanye, emuva kokuba babeyizishoshovu ezilwela ukuthi izwe lakwaNgwane libuswe ngokuthi kube nohulumeni ozokhethwa ngabantu, kungabi yiNgonyama uDlamini ehola izwe. UDube wayeyilungu lephalamende elimele isiFunda iNgwempisi, kaManzini.

Nakuba ededelwe uDube namuhla, kanye nezinye iziboshwa, kodwa akucaci ngekusasa likaMabuza. Laba baboshwe ngo-2020 ngesikhathi izwe ligutshuzelwe yimibhikisho, izakhamizi zifuna inkululeko. Kwacekelwa phansi izakhiwo, kwafa abantu abaningi ngesikhathi amaphoyisa namasosha eyalelwe ukuba adambise isimo.

Ngakolunye uhlangothi, kunamaphoyisa namasosha abulawa ngesikhathi kuqhubeka le mibhikisho. UDube uthe kayikho inhlangano yezombusazwe angaphansi kwayo. Uthe yena ubehola umphakathi ngemuva kokuba kube yiwona owahlangana, wamphakamisa ukuba awuhole.

Abadedelwe bayalwe ngokubaluleka kokuziphatha kahle emiphakathini. Kwabebeboshiwe kubalwa nabesifazane ababili.

UDube ubonge ukwesekwa ngamalungu omphakathi ngesikhathi ebhekene nesimo esinzima.

“Ngibonga umndeni wami, abefundisi, amakhosi, abaholi bomphakathi nabo bonke abesikhulekela. Ngiyajabula ukuthi namuhla ngibuyela ekhaya,” kusho uDube.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...