
AKUVUNANGA zithelo ukubuya nabalingisi abasha komdlalo kamabonakude owuchungechunge iMuvhango okhonjiswa kwiSABC 2 phakathi nezinsuku. Lo mdlalo kumenyezelwe ukuphela kwawo ngonyaka owedlule ngemuva kweminyaka engaphezulu kwewu-25 ukhonjiswa kumabonakude.
Ngemuva kwezinyanga ezimbalwa uphelile emoyeni kumenyezelwe ukukhuza kwawo ibuya kumabonakude lapho ubusugabe ngabalingisi abasha. Ukhuze ibuya kumabonakude ngomhla ka-5 kuNcwaba (August) nyakenye lapho kuvele ukuthi ubuya ngegiya eliphezulu nabalingisi abasha. Phakathi kwabalingisi abamenyezeliwe kubalwa inkakha uLeleti Khumalo, Lloyd Nedohe, Tyson Mathonsi nabanye.
Lo mdlalo oqoshwa yinkampani kaDuma Ndlovu, iWord Of Mouth kuvele ukuthi uyagcina ukukhonjiswa ngoNtulikazi (July) nonyaka njengoba kungavunanga zithelo ukubuyiswa kwawo kumabonakude. Umthombo weLANGA uthi kubukeka zingahambi kahle izinto emidlalweni emataniswa noNdlovu njengoba iningi layo ikhishwa emoyeni.
ILANGA selingakuqinisekisa ukuthi phakathi kwemidlalo emataniswa noNdlovu ephelayo kubalwa iMy Brother’s Keeper, Umkhokha noMuvhango. Kuzokhumbuleka ukuthi neMbewu The Seed yagcina ngokuphela emoyeni njengoba nawo lo mdlalo wabe ukhiqizwa inkampani kaNdlovu.
Okhulumela i-SABC uNkk Mmoni Ngubane ukuthi iMvhango iyaphela emoyeni. Uthe iSABC ibinesivumelwano sesizini eyodwa neMuvhango ephela ngomhla ka 31 kuNtulikazi. Uqhube ngokuthi i-SABC ngeke ikwazi ukuphawula ngekusasa lalo mdlalo okwamanje.







