Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuqhume umkikizo kugwetshwa owesifazane owabulala umyeni

Kuqhume umkikizo kugwetshwa owesifazane owabulala umyeni

by | 28 March 2025

KUQHUME umkikizo kwasho ingoma eNkantolo eNkulu yaseMtubatuba kugwetshwa owesifazane oyiphoyisa owabulala umyeni wakhe naye owayeyiphoyisa – ebambisene neshende elisagcwele izinkalo.


UNombizodwa Ntinga ugwetshwe odilikajele ababili ngecala lokubulala umyeni wakhe uWarrant Officer Nkosinathi Ntinga noMnu Mpendulo Mdluli. Uphinde wagwetshwa iminyaka ewu-15 kwelokuthumba, wagwetshwa ewu-5 kwelokubamba inkunzi.

Uzakwabo aboshwe naye oyinkabi, uMpanza, owayekhona kubulawa laba, ugwetshwe imimyaka ewu-25 ecaleni lokubulala ngalinye newu-14 kwawokuthumba icala ngalinye, newu-4 kwelokubamba inkunzi. UW/O Ntinga noMdluli babulawa ngomhla ka-1 ku-Agasti ngo-2023 ngesikhathi kugasela ababulali emzini wakhe.

Ishende likaNtombizodwa lalihamba noMpanza ligasela kwaNtinga, basebethumba abafi. UMdluli watholakala elimele kanzima emuva kwamahora ambalwa washonela esibhedlela kanti isidumbu sikaW/O Ntinga satholwa sinenqwaba yamanxeba okudutshulwa.

Ezisematheni

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...