Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UMkhwanazi nomyalezo oshubile kosomatekisi abavimba izimoto

UMkhwanazi nomyalezo oshubile kosomatekisi abavimba izimoto

by | 18 March 2026

UNQUMELE ugwayi katiki ososeshini bamatekisi abasolwa ngokuhlukumeza umphakathi, uMkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi. UMkhwanazi ubexwayisa osomatekisi nezinkampani zonogada ezizimele, okuthiwa balwisa abantu abangagibeli ematekisini. 

Lokhu ukhulume ngakho eyoxazulula impi yosomatekisi ephakathi kukasoseshini wakwaMaphumulo, nowakwaDukuza. UMkhwanazi uthe abagibeli banelungelo lokugibela amabhasi, futhi banelungelo lokucela ukugibela ezimotweni ezincane, ngeke avumele osomatekisi ukuba baphoqe umphakathi ugibele amakhumbi ngenkani. 

Uthi izinkampani zonogada ezizotholakala zivimba izimoto emgwaqweni, zihlukumeza nabagibeli, zizophucwa amalayisense.

“Owenza lokhu uzoboshwa, kuyothi engaphakathi ejele, nenkampani ayisebenzelayo izobe ingasenaso isitifiketi. Ngizoqinisekisa ukuthi ososeshini abaqhubeka nokuhlukumeza abantu, ngibakhombisa amandla omthetho. Umuntu nomuntu kumele azikhethele imoto afuna ukuyigibela, angaphoqwa noma ngabe uma emgwaqweni ucela izimoto ezidlulayo ukuba zimgibeze, kuyilungelo lakhe,” kusho uMkhwanazi.  

Kwenzeka lokhu nje, ngoLwesihlanu kusuke uthuthuva phakathi kososeshini ababili, kubangwa umzila osuka KwaDukuza ubheke KwaMaphumulo. Kubikwa ukuthi onogada ababebehlome ngezinhlokohlela zezibhamu, bebenkanise emgwaqweni, begadile, okugcine kuphazamisa ukusebenza kuloya mzila. 

NgoMgqibelo kubanjwe umhlangano ngenhloso yokuthola isixazululo. Kulo mhlangano uMkhwanazi unxuse osomatekisi ukuba uma kukhona umuntu olayisha ngaphandle kwemvume yokusebenza kuloyo mzila, kumele babhalele umnyango wezokuthutha, uma behluleka lapho, badlulele enkantolo. 

UMkhwanazi usho lokhu nje, sekuke kwaba nezikhalo eziningi ezivela emiphakathini eminingi KwaZulu-Natal, ngesenzo sosomatekisi sokwehlisa abantu uma begibele izimoto ezincane. 

Kuwona lo nyaka kuke kwasabalala incwadi eyayivela komunye wososeshini bamatekisi waseMnambithi, obuxwayiswa othisha ukuba bayeke ukugibezana uma beya emsebenzini. Lokhu kwasusa omkhulu umsindo, abantu begxeka lokhu, beveza ukuthi akekho umuntu onelungelo lokuvimba izimoto, ehlise abantu abaphakathi. 

Imizamo yokuthola abeSouth African National Taxi Council (Santaco) kayiphumelelanga, izingcingo bezikhala zingaphendulwa.  

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...