Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuqiniswa umkhankaso wokulwa nesifo samatele

Kuqiniswa umkhankaso wokulwa nesifo samatele

by | 24 June 2025


UNGQONGQOSHE wezoLimo uMnu John Steenhuisen uthi usuqalile umkhankaso wabo wokugomela isifo samatele, ozogxila kakhulu eGauteng naKwaZulu-Natal.


Ungqongqoshe uveze lokhu ngesikhathi evakashele amadele aseKaran Beef Feedlot eHeidelberg izolo ngoMsombuluko, lapho beqale khona ukujova izinkomo kulandela ukufika kwemigomo engaphezulu kuka-900 000 ivela eBotswana ngeledlule.

Uveze ukuthi uhulumeni ubeke eceleni u-R43 million ukuthenga imigomo yokulwa nalesi sifo esibeka engcupheni imboni yenyama ebomvu kuleli. USteenhuisen unxuse abafuyi ukuqikelela kakhulu kunakuqala ukuphepha kwemfuyo yabo ngalesi sikhathi.

“Sinxusa abafuyi nezisebenzi zasemapulazini ukulandela imigomo esiyibekile. Wukubambisana kuphela okuzosisiza ukulawula ukwanda kwesizo samatele. Sibeke imigomo yesikhashana ezolawula ama-auction nokuthuthwa kwezilwane,” esho.

“Kwezinye izindawo kakusavumelekile kukuthutha izilwane ngaphandle kobufakazi bokuthi zigonyiwe nokuthi zihlolelwe amatele, kwatholakala ukuthi kazinawo. Labo abephula umthetho kufanele babhekane nengalo yomthetho ngengoba lesi sifo sibeka engcupheni umnotho wezwe ovela untengantenga.”

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...