
AVUMELANE ngeNkosi yakwaMakhasa, eHluhluwe eMkhanyakude amakhosi ukuba kube yiyona ezovala isikhala ebesivulekile sesesekela likasihlalo wendlu yamakhosi omdabu KwaZulu-Natal.
INkosi uThwalizwe Gumede, uqokwe ngesonto eledlule eSishayamthetho esidala oNdini. Kulesi sikhundla esisha anikezwe sona, uzoba yisekela likaSihlalo okuyiNkosi uSfiso Shinga.
INkosi uGumede iqokelwe kulesi sikhundla ngemuva kokuba uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal wehlise esihlalweni obeyiNkosi yaseMhlumayo, eMnambithi, uNgqayizivele Sithole, okunguyena obeyisekela likasihlalo wamakhosi.
Engxoxweni yeLANGA neNkosi uGumede, ithe ukuvotelwa kwayo ngamakhosi, kuyinika inselelo yokuba isebenze ngokuzimisela. Ithi okuseqhulwini wukuthi beyindlu yomdabu, bathuthukise amakhosi ngokwezimo osekuphilwa kuzona kule minyaka yamanje. Uveze ukuthi ubukhosi baseminyakeni edlule, kabusafani nobukhosi obukhona njengamanje.
“Izifiso enginazo ngezokuthi buguquke ubukhosi, buhambisane nesikhathi esiphila kusona. Kufanele sidle ngoludala, sibe sidla ngolusha. Isikhathi esiphila ngaphansi kwaso sesijikile, ngakho namakhosi sifuna afundiseke, abuke izimo ngeso lesikhathi samanje,” kusho iNkosi uGumede.
Ithi umsebenzi obahlalele, wukuthi baqinisekise ukusebenzisana okuhle phakathi kwamakhosi neNgonyama Trust, wukubheka imibango ekhona ezizweni zamakhosi, wukuqinisekisa ukuthi ubuholi bomdabu bubambisene nohulumeni, okubalwa neNdlunkulu kaZulu.
“Lo msebenzi ngizowenza ngeqiniso ngoba nginawo umlando omuhle wokusebenzela indlu yomdabu,” esho.
INkosi uGumede beyiyilungu le-Exco endlini yamakhosi eMkhanyakude, yaphatha isikhundla sokuba ngusihlalo wamakhosi esiFundeni uMkhanyakude iminyaka emihlanu njengoba isiqokwe kwesokuba yisekela lendlu yamakhosi omdabu esifundazweni.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ubongele iNkosi uGumede ngomsebenzi omusha enikezwe wona. Uthe unethemba lokuthi inkosi izobambisana kahle namakhosi esifundazweni.







