Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuqopheke umlando kuqokwa umfundisi wesifazane kowezenkolo eKZN

Kuqopheke umlando kuqokwa umfundisi wesifazane kowezenkolo eKZN

by | 17 April 2025

KUQOPHEKE umlando kuqokwa inceku yesifazane ukuba ihole umkhandlu wezenkolo esiFundazweni iKwaZulu-Natal.

UMphostol Lungile Magwaza uqokelwe kulesi sikhundla ngoMsombuluko. Ihhovisi likaNdunankulu wesiFundazwe iKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli likhiphe isitatimende esifushane lapho khona belihalalisela uNkz Magwaza.

ILANGA lithole ukuthi kungokokuqala kuqokwa owesifazane kulesi sikhundla esithathwa njengesibalulekile kwikhabhinethi yesifundazwe.

Kuvela ukuthi kazikho izicelo ezifakwayo kwabasuke befuna ukungena kusona kodwa kuyaye kube yikhabhinethi eziqokela umfundisi edinga ukusebenzisana naye.

Oqokelwe kulesi sikhundla kuyaye kube uyena ohamba phambili kuzona zonke izinhlelo zemikhuleko, izinkonzo nalapho uhulumeni uma udinga ukuhlangana nabaholi bezenkolo kuyaye kube uyena ohamba phambili.

Umphostol Magwaza uzalwe wakhulela eMabedlane oLundi ngaphambi kokufudukela eThekwini okuyilapho khona afika wasungula ibandla iKingdom Life Ministries International elisenkabeni yedolobha iTheku naseGauteng.

Ekhuluma neLANGA uNkz Magwaza uthe akukho azokushintsha obekwenzeka phambilini.

“Mina ngizosebenza nazo zonke izinhlaka zabaholi bamabandla ezikhona. Ngiyazi ukuthi kunemikhandlu yabaholi bamabandla ekhona. Ngizosebenza nayo yonke leyo mikhandlu ukuze. Engikwaziyo wukuthi mina ngizosebenza nekhabhinethi ekhona kumanje. Uma kwenzeka ishintsha kuyobe kusho ukuthi sesiphelile isikhathi sami. Ukuqhubeka kwami kusezandleni zekhabhinethi elandelayo,” kusho uNkz Magwaza.

Uthe kumthokozisile ukuqokelwa kulesi sikhundla.

“Ukuqokelwa kwami kulesi sikhundla kufana nokunqoba kohlangothi lwabesifazane ngoba kusukela emlandweni akekho owesifazane oke waphatha lesi sikhundla. Okubi nje umuntu ungena nje uzobhekana nejoka elinzima lapho khona isifundazwe sibhekene nenkinga yokwanda kobugebengu, udlame lwemindeni nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane ngokobulili. Kuzona zonke lezi zingqinamba ezikhona ngethembe uNkulunkulu ukuthi uzongisiza ngibambisane nabanye abaholi bamabandla ezenkolo,” esho.

Okhulumela uhulumeni wesifundazwe uMnu Bongani Gina uthe lesi yisikhundla esidala.

“Maqondana nemali etholakalayo ngokuba kulesi sikhundla kuyaye kube yisivumelwano esiphakathi komqashi noqashiwe. Umkhandlu wesifundazwe yiwona onamandla okuqoka umuntu ozongena kusona. Lesi yisikhundla esidala. Abanye abake basiphatha nguMnu Mthokozisi Luvuno, uMbhishobhi Thulani Xaba, uMbhishobhi DD Mkhize nabanye abaningi,” kuphetha uGina.

Ezisematheni

Sezimkhalele owesifazane osolwa ekubulaweni komshayeli wakwaBolt

Sezimkhalele owesifazane osolwa ekubulaweni komshayeli wakwaBolt

SEZIMKHALELE umsolwa wesifazane osolwa ekubulaweni komshayeli wemoto yakwaBolt ePretoria West ngoLwesithathu ebusuku. Isigameko sokuklinywa kubulawe lona wesilisa obeshayela kuBolt, okubonakale ebanjwa inkunzi , sishaqise abaningi ezinkundleni zokuxhumana....

Iseyinzukayikeyi eyombango wobukhosi baKwaZulu KwaNodunga

Iseyinzukayikeyi eyombango wobukhosi baKwaZulu KwaNodunga

KUGQAME inzo-ndo emalungwini omndeni wa-sebukhosini ba-kwaZulu, Kwa-Nodunga, eMvoti, njengoba ebeseNka-ntolo eNkulu, eMgungundlovu, ngoLwesibili, ephelezele amadodana enkosi eyakhothama ngo-2016, abanga isihlalo.INkosi uNkanyiso kaQedisono Zulu (28), yiyona eyanikwa...

Wukuxhoshwa ngemali okuqhathe uTshatha nabeMpucuzeko

Wukuxhoshwa ngemali okuqhathe uTshatha nabeMpucuzeko

ULAXAZE phansi umcimbi weMpucuzeko Maskandi Festival, ‘ngenxa yoku-shaywa ngesithende’ uma kwabiwa imali yawo’, umsakazi woKhozi FM, okuthiwa nguyena umphembi wawo, kodwa ubekhala ngengcindezelo. Ngokuthola kweLANGA ngemi-thombo yalo, ubudlelwano buka-Khathide...