Ilanga News
Home 9 Featured 9 Undlunkulu uphakamisa ukuba abesifazane bengavalelwa ngaphandle

Undlunkulu uphakamisa ukuba abesifazane bengavalelwa ngaphandle

by | 22 October 2025

NGUNDLUNKULU uNozizwe Mulela-Zulu obeyisikhulumi emcimbini wokubungazwa kwabesifazane basezindaweni zasemakhaya.

UNDLUNKULU ushaye indesheni kubaholi ukuba benze isiqiniseko sokuthi kuyona yonke imikhakha, kufakwa abesifazane ngoba banesiphiwo sokuhola kodwa esinganakiwe.

UNdlunkulu uNozizwe Mulela-Zulu ubethula inkulumo emcimbini wokubungazwa kosuku lwabesifazane basezindaweni zasemakhaya. UNkk Mulela-Zulu unguNdlunkulu wesibili weSilo uMisuzulu kaZwelithini.

Lo mcimbi ububanjelwe esigodlweni sobukhosi bakwaNdamase, eNyandeni, eLibode, e-Eastern Cape. Lolu suku olubizwa ngokuthi yi-International Day of Rural Women, lubungazwa emhlabeni jikelele. Ngalolu suku kubungazwa omama, izaguga, abesifazane nentsha.

Undlunkulu uhlangane neNkosi yesizwe sakwaNdamase, uNdamase II. Phakathi kwabaholi abebeyizimenywa kulo mcimbi, kubalwa neNdlovukazi uMadosini Ndamase, ebuye ibe ngusihlalo womkhandlu wondlunkulu kuleli, noMnu Mzwanele Nyhontso, onguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya noMhlaba.

Undlunkulu uthe kufanele kunikwe abesifazane ithuba lokuhola ezinhlelweni ezahlukene. Uthe iningi labo bawumgogodla emizini yabo.

“Ngqongqoshe nabo bonke abaholi abakhona lapha, siyacela ukuba kunikwe abantu besifazane ithuba lokuhola. Ngenhlanhla ngi-buye ngisebenze ngezokuphathwa kwemali, abantu abakhokhela izikweletu zabo kakhulu ngabesifazane.

“Lokho bakwenza ngoba bayakwazi ukubaluleka kwemali. Kufanele kusungulwe izinhlelo zokuthuthukisa abesifazane ngokwamakhono abanawo. Ngiyafisa nokuthi lolu suku luqhubeke nokugujwa minyaka yonke,” kusho undlunkulu.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...