Ilanga News
Home 9 Featured 9 Undlunkulu uphakamisa ukuba abesifazane bengavalelwa ngaphandle

Undlunkulu uphakamisa ukuba abesifazane bengavalelwa ngaphandle

by | 22 October 2025

NGUNDLUNKULU uNozizwe Mulela-Zulu obeyisikhulumi emcimbini wokubungazwa kwabesifazane basezindaweni zasemakhaya.

UNDLUNKULU ushaye indesheni kubaholi ukuba benze isiqiniseko sokuthi kuyona yonke imikhakha, kufakwa abesifazane ngoba banesiphiwo sokuhola kodwa esinganakiwe.

UNdlunkulu uNozizwe Mulela-Zulu ubethula inkulumo emcimbini wokubungazwa kosuku lwabesifazane basezindaweni zasemakhaya. UNkk Mulela-Zulu unguNdlunkulu wesibili weSilo uMisuzulu kaZwelithini.

Lo mcimbi ububanjelwe esigodlweni sobukhosi bakwaNdamase, eNyandeni, eLibode, e-Eastern Cape. Lolu suku olubizwa ngokuthi yi-International Day of Rural Women, lubungazwa emhlabeni jikelele. Ngalolu suku kubungazwa omama, izaguga, abesifazane nentsha.

Undlunkulu uhlangane neNkosi yesizwe sakwaNdamase, uNdamase II. Phakathi kwabaholi abebeyizimenywa kulo mcimbi, kubalwa neNdlovukazi uMadosini Ndamase, ebuye ibe ngusihlalo womkhandlu wondlunkulu kuleli, noMnu Mzwanele Nyhontso, onguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya noMhlaba.

Undlunkulu uthe kufanele kunikwe abesifazane ithuba lokuhola ezinhlelweni ezahlukene. Uthe iningi labo bawumgogodla emizini yabo.

“Ngqongqoshe nabo bonke abaholi abakhona lapha, siyacela ukuba kunikwe abantu besifazane ithuba lokuhola. Ngenhlanhla ngi-buye ngisebenze ngezokuphathwa kwemali, abantu abakhokhela izikweletu zabo kakhulu ngabesifazane.

“Lokho bakwenza ngoba bayakwazi ukubaluleka kwemali. Kufanele kusungulwe izinhlelo zokuthuthukisa abesifazane ngokwamakhono abanawo. Ngiyafisa nokuthi lolu suku luqhubeke nokugujwa minyaka yonke,” kusho undlunkulu.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...