Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kushone owesifazane nengane beshokhwa wugesi

Kushone owesifazane nengane beshokhwa wugesi

by | 19 March 2025

IQALE kabuhlungu impelasonto emphakathini waseSwappo, eCopesville, eMgungundlovu, kulandela isigameko sowesifazane oshokhwe wugesi nengane yakhe enonyaka, bashona.

Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke ngoLwesihlanu emini ngesikhathi kuqala imvula enamadla. Ngokuthola kweLANGA, uNkz Makhothanetsi Moeketsi (20), ushokhwe wugesi kade eneka izingubo, kanti kuzothi uma esewile, ingane yakhe uTlaniso Moeketsi (1) yakhasa iya kuyena eselele phansi, yamthinta, nayo yashokheka, yashona.

Kubikwa ukuthi nomakhelwane bashokhekile ngesikhathi bezama ukunqamula ucingo okuthiwa beluboshelwe komunye umjondolo. Kunentambo kagesi okuthiwa ibisihlubekile, ebithinte uthayela wendlu, obekuxhunywe kuyona ulayini wokuneka izingubo.

Kuthiwa ukungabikho kukagesi kule ndawo, kugcina kuphoqa ukuba abantu bazixhumele izinyokanyoka.
UMnu Kopano Molefe, naye osinde eshokhwa ugesi bezama ukulekelela, uthi namanje akakalulami ngokugcwele ngemuva kokushokhwa wugesi, esiza.

Uthi owesifazane nomndeni wakhe bebeqashe kubo. Uthi ngosuku lwesigameko, umufi ubeqeda kuwasha, wayoneka izingubo kulayini.

“Lo layini abeneka kuwona uboshelwe komunye umjondolo. Siyasola ukuthi kunentambo kagesi ebithinte lo mjondolo ngoba kuthe uma ethinta ulayini, washokheka wawa phansi ewubambile. Ingane yakhe kuthe uma imbona ewa, yasondela kuyena, nayo yashokheka yashonela khona lapho.

“Omakhelwane bazamile ukuphuma beyolekelela, kodwa nabo bashokheka. Babe sebeza lapha ekhaya bezofuna usizo, sazama ukulekelela. Mina ngigcine ngishokheka kodwa umfowethu ukwazile ukunqamula ucingo obelunogesi,” esho.

Uthi indlela isimo esibi ngayo, unina kamufi ugcine ephuthunyiswa esibhedlela ngenxa yokwethuka.
“Siyacabanga ukuthi nesimo sezulu ebesingesihle sibe nawo umthelela kulokhu,” esho.

Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakatholakali okhulumela amaphoyisa.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...