Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kushone owesifazane nengane beshokhwa wugesi

Kushone owesifazane nengane beshokhwa wugesi

by | 19 March 2025

IQALE kabuhlungu impelasonto emphakathini waseSwappo, eCopesville, eMgungundlovu, kulandela isigameko sowesifazane oshokhwe wugesi nengane yakhe enonyaka, bashona.

Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke ngoLwesihlanu emini ngesikhathi kuqala imvula enamadla. Ngokuthola kweLANGA, uNkz Makhothanetsi Moeketsi (20), ushokhwe wugesi kade eneka izingubo, kanti kuzothi uma esewile, ingane yakhe uTlaniso Moeketsi (1) yakhasa iya kuyena eselele phansi, yamthinta, nayo yashokheka, yashona.

Kubikwa ukuthi nomakhelwane bashokhekile ngesikhathi bezama ukunqamula ucingo okuthiwa beluboshelwe komunye umjondolo. Kunentambo kagesi okuthiwa ibisihlubekile, ebithinte uthayela wendlu, obekuxhunywe kuyona ulayini wokuneka izingubo.

Kuthiwa ukungabikho kukagesi kule ndawo, kugcina kuphoqa ukuba abantu bazixhumele izinyokanyoka.
UMnu Kopano Molefe, naye osinde eshokhwa ugesi bezama ukulekelela, uthi namanje akakalulami ngokugcwele ngemuva kokushokhwa wugesi, esiza.

Uthi owesifazane nomndeni wakhe bebeqashe kubo. Uthi ngosuku lwesigameko, umufi ubeqeda kuwasha, wayoneka izingubo kulayini.

“Lo layini abeneka kuwona uboshelwe komunye umjondolo. Siyasola ukuthi kunentambo kagesi ebithinte lo mjondolo ngoba kuthe uma ethinta ulayini, washokheka wawa phansi ewubambile. Ingane yakhe kuthe uma imbona ewa, yasondela kuyena, nayo yashokheka yashonela khona lapho.

“Omakhelwane bazamile ukuphuma beyolekelela, kodwa nabo bashokheka. Babe sebeza lapha ekhaya bezofuna usizo, sazama ukulekelela. Mina ngigcine ngishokheka kodwa umfowethu ukwazile ukunqamula ucingo obelunogesi,” esho.

Uthi indlela isimo esibi ngayo, unina kamufi ugcine ephuthunyiswa esibhedlela ngenxa yokwethuka.
“Siyacabanga ukuthi nesimo sezulu ebesingesihle sibe nawo umthelela kulokhu,” esho.

Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakatholakali okhulumela amaphoyisa.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...