Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kushone oyedwa kuwa isikhafula enxanxatheleni yezitolo eThekwini

Kushone oyedwa kuwa isikhafula enxanxatheleni yezitolo eThekwini

by | 24 June 2025

YIZISEBENZI zenkampani yosizo lokuqala i-ALS Paramedics zisiza izisulu zokuwa kwesikhafula enxanxatheleni yezitolo eSpringfield Park, eThekwini.
Isithombe ngabe: ALS Paramedics


KUSHONE umuntu oyedwa, kwalimala abane ngesikhathi kuwa isikhafula (scaffolding) enxanxatheleni yezitolo eSpringfield Park, eThekwini, namuhla ngoLwesibili ekuseni.


Ngokusho kukaMnu Garrith Jamieson, okhulumela i-ALS Paramedics, izisulu beziphezu komsebenzi wazo ophahleni lwale nxanxathela yezitolo ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.


“Izisebenzi eziyisihlanu bezisebenza ngesikhathi kuwa isikhafula ebezigibele kusona. Besiphakeme ngebanga elilinganiselwa ku-6 metres ukusuka phansi. Ngeshwa kushone umuntu oyedwa, abathathu balimala kabi kanti oyedwa usesimweni esibucayi,” kusho uJamieson.


Uthe izisulu bezilimele ngokwendlela ezishayeke ngayo phansi okubalwa ukushayeka ekhanda nasemzimbeni futhi kungenzeka kube khona ezilimele umgogodla.

Ezisematheni

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ucacise ngokungaklonyeliswa koMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini wokuklomelisa izisebenzi zikahulumeni, iminyango, omasipala baseKZN, izinhlangano ezingayenzi inzuzo nosomabhizinisi...

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

LIZOVULWA ngomhla ka-1 no-2 wenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwezi (November). Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano eyengamele ezokhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ngempelasonto. Kuzokhumbuleka...

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

UMNDENI unxusa umphakathi nabezindaba ukuba bayeke ukusabalalisa izinsolo nemibiko engaqinisekisiwe ngokudlula emhlabeni kukaDkt Ntuthuko Mahlaba (osesithombeni), okuvela ukuthi ushayiswe yimoto ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi ezivaocavoca. Isitatimende somndeni...