Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kushone oyedwa kuwa isikhafula enxanxatheleni yezitolo eThekwini

Kushone oyedwa kuwa isikhafula enxanxatheleni yezitolo eThekwini

by | 24 June 2025

YIZISEBENZI zenkampani yosizo lokuqala i-ALS Paramedics zisiza izisulu zokuwa kwesikhafula enxanxatheleni yezitolo eSpringfield Park, eThekwini.
Isithombe ngabe: ALS Paramedics


KUSHONE umuntu oyedwa, kwalimala abane ngesikhathi kuwa isikhafula (scaffolding) enxanxatheleni yezitolo eSpringfield Park, eThekwini, namuhla ngoLwesibili ekuseni.


Ngokusho kukaMnu Garrith Jamieson, okhulumela i-ALS Paramedics, izisulu beziphezu komsebenzi wazo ophahleni lwale nxanxathela yezitolo ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.


“Izisebenzi eziyisihlanu bezisebenza ngesikhathi kuwa isikhafula ebezigibele kusona. Besiphakeme ngebanga elilinganiselwa ku-6 metres ukusuka phansi. Ngeshwa kushone umuntu oyedwa, abathathu balimala kabi kanti oyedwa usesimweni esibucayi,” kusho uJamieson.


Uthe izisulu bezilimele ngokwendlela ezishayeke ngayo phansi okubalwa ukushayeka ekhanda nasemzimbeni futhi kungenzeka kube khona ezilimele umgogodla.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...