Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kushone umzukulu omdala kaDkt John Langalibalele Dube

Kushone umzukulu omdala kaDkt John Langalibalele Dube

by | 12 December 2024

BHEKI NDLOVANA

USHAQEKILE umndeni kaMafukuzela, uDkt John Langalibalele Dube owayengumengameli wokuqala we-ANC, ngokudlula emhlabeni kukaMnu Zenzele Mfundo Dube (72), ongumzukulu omdala kaMafukuzela.

Kubikwa ukuthi uMnu Dube ushonele esibhedlela iCity Hospital eThekwini, ngoMgqibelo, emuva kokubanjwa wukugula.
Omunye wabazukulu bakaMafukuzela, uMnu Langa Dube, utshele ILANGA ukuthi kubashaqisile ukudlula emhlabeni kukaZenzele ngoba bebenethemba lokuthi uzolulama, aphume esibhedlela.

“Besizitshela ukuthi uyelulama ngoba ubeseqala nokudla,” kusho uMnu Dube.
UMnu Dube (Zenzele) uzalwa ngowayeyindodana endala kaMafukuzela, uMnu Sobantu Douglas Dube, kanti unina kwakungu-Agnes, uLaMasuku.
Ngemuba kokudlula emhlabeni kukaZenzele, umndeni uhlanganile, ukuze kuhlelwe amalungiselelo omngcwabo. UMnu Dube (Langa) utshele leli phephandaba ukuthi bathathe isinqumo sokuthi umufi afihlwe ngoMgqibelo.

Uthe inkonzo yomgcwabo izokwenzelwa eJohn Dube Stadium khona oHlange, eNanda. Uhlelo lwenkonzo luzoqala ngehora leshumi ekuseni, bese efihlwa emathutheni omndeni khona oHlange.

UMnu Dube (Langa) uthi bazomkhumbula kakhulu uZenzele ngamagalelo akhe emzabalazweni njengoba esebenze kakhulu kwi-ANC.

Ngaphandle kwepolitiki uke waba ngusomabhizinisi ngaphambi kokuba athathe umhlalaphansi.
Ushiye emhlabeni abantwana bakhe abathathu uCira, Sya, noZweli.

Kulindeleke ukuba i-ANC ithumele ithimba elizoya kobhonga emswaneni emndenini wakwaDube.

Ezisematheni

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick. USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA...

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo. BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa "iChalaha...

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu. UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka...