Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kushone umzukulu omdala kaDkt John Langalibalele Dube

Kushone umzukulu omdala kaDkt John Langalibalele Dube

by | 12 December 2024

BHEKI NDLOVANA

USHAQEKILE umndeni kaMafukuzela, uDkt John Langalibalele Dube owayengumengameli wokuqala we-ANC, ngokudlula emhlabeni kukaMnu Zenzele Mfundo Dube (72), ongumzukulu omdala kaMafukuzela.

Kubikwa ukuthi uMnu Dube ushonele esibhedlela iCity Hospital eThekwini, ngoMgqibelo, emuva kokubanjwa wukugula.
Omunye wabazukulu bakaMafukuzela, uMnu Langa Dube, utshele ILANGA ukuthi kubashaqisile ukudlula emhlabeni kukaZenzele ngoba bebenethemba lokuthi uzolulama, aphume esibhedlela.

“Besizitshela ukuthi uyelulama ngoba ubeseqala nokudla,” kusho uMnu Dube.
UMnu Dube (Zenzele) uzalwa ngowayeyindodana endala kaMafukuzela, uMnu Sobantu Douglas Dube, kanti unina kwakungu-Agnes, uLaMasuku.
Ngemuba kokudlula emhlabeni kukaZenzele, umndeni uhlanganile, ukuze kuhlelwe amalungiselelo omngcwabo. UMnu Dube (Langa) utshele leli phephandaba ukuthi bathathe isinqumo sokuthi umufi afihlwe ngoMgqibelo.

Uthe inkonzo yomgcwabo izokwenzelwa eJohn Dube Stadium khona oHlange, eNanda. Uhlelo lwenkonzo luzoqala ngehora leshumi ekuseni, bese efihlwa emathutheni omndeni khona oHlange.

UMnu Dube (Langa) uthi bazomkhumbula kakhulu uZenzele ngamagalelo akhe emzabalazweni njengoba esebenze kakhulu kwi-ANC.

Ngaphandle kwepolitiki uke waba ngusomabhizinisi ngaphambi kokuba athathe umhlalaphansi.
Ushiye emhlabeni abantwana bakhe abathathu uCira, Sya, noZweli.

Kulindeleke ukuba i-ANC ithumele ithimba elizoya kobhonga emswaneni emndenini wakwaDube.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...