Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Siyanda isibalo samazwe alanda abantu bawo eNingizimu Afrika

Siyanda isibalo samazwe alanda abantu bawo eNingizimu Afrika

by | 3 June 2026

UHULUMENI waseMalawi uthi usuqale uhlelo lokulanda izakhamizi zawo eziseNingizimu Afrika, ezifuna ukugoduka ngoba zesabela impilo yazo, ngenxa yomkhankaso wakamuva olwisana nabantu bokufika abangenazo izimvume zokuba semzansi.

Ekhasini lakuX (Twitter), uhulumeni waseMalawi uthi usuziqalile izingxoxo nowakuleli mayelana nalolu daba.

“Umnyango wezangaphandle nokubambisana namanye amazwe uthanda ukwazisa abantu ukuthi usezinhlelweni zokusiza abantu baseMalawi abayizisulu zokuhlaselwa ezingxenyeni ezithile eNingizimu Afrika, abafuna ukubuyela ekhaya,” kusho isitatimende.

Kwenzeka lokhu nje, uyakhula umkhankaso ohambisana namamashi, aholwa yiMarch and March, okuhloswe ngawo ukubhekana nenkinga yabantu abasezweni ngokungemvume. Abamashi banike abantu abangenayo imvume yokuba kuleli umnqamlajugu womhla ka-30 kwephezulu, ukubuyela emazweni abo, babuye sebenamaphepha uma besafuna ukubuya.

IMalawi ilandela ezinyathelweni zeGhana neNigeria, nabo abatshele izakhamizi zabo ukuthi banezinhlelo zokuzisiza ukugoduka uma zingenawo amandla okuzigodukela.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...