
KUSOLWA izinkinga zothando esigamekweni sokudutshulwa kubulawe abesifazane ababili eMzinto ngeSonto ntambama. UNkz Nandipha Lifana (36), udutshulwe ngubaba wezingane zakhe okunguMnu Nkanyiso Shezi, wadubula udadewabo kanina wezingane zakhe okunguNkz Nongamso Lifana (36) wazibulala naye.
Kuthiwa umakhelwane uNkz Zukiswa Dweba obezama ukukhuza, umdubule emloyeni wasinda waphuthunyiswa esibhedlela. Kuvela nokuthi uNkz Nandipha ubekhulelwe, washiya izingane zabo ezimbili kanti uNkz Nongamso yena ushiye ezintathu okubalwa eneminyaka emibili kuzona.
Ngokusho kwelungu lomndeni ebekade likhona endlini kwenzeka lesi sigameko uNkz Nombulelo Lifana, uthi bebekade bengasathandani uNkz Nandipha noMnu Nkanyiso bese behlanganiswe izingane kuphela. Utshele ILANGA ukuthi bebekade sebehlukene ngenxa yokuthi owesilisa (uNkanyiso) ubehlukumeza othandweni lwabo.
“UNkanyiso ufike lana endlini ngeSonto ntambama wabuza unina wezingane zakhe ukuthi akayibambi ngani ifoni ngoba sekunesikhathi eside efona ingaphendulwa. Baxabanile-ke, wamudonsela ngasemnyango, wakhala uNandipha ememeza udadewethu uNongamso ekamelweni. Kuthe uma ephuma ekamelweni ebuza ukuthi kwenzekani la, wakhipha isibhamu wamdubula, wadubula nomawezingane zakhe.
Ngizamile ukumbamba ngifuna ukumphuca isibhamu, sabambana waze wawa phansi ngase ngibaleka kanti kuzoqhamuka umakhelwane ethi uyakhuza, wamdubula emlonyeni naye wase egcina ngaye uqobo,” kusho uNkz Nombulelo. Kuthiwa amaphoyisa alande izidumbu ezintathu endaweni yesigameko.
Uveze ukuthi ukungaboni ngaso linye bese kunesikhathi eside kwenzeka phakathi kwabo ngoba kunezigameko zokushaywa kukaNkz Nandipha ebezenzeka, ukushiswa kwakhe ngamanzi, ukuthukwa ngenhlamba nokunye.
“Bekunzima ukungena indaba yabo ngoba bebekade bexabana, baphinde babuyisane,” esho.
Amaphoyisa akule ndawo, atshele undunankulu wesifundazwe ukuthi ashaqekile ngesigameko ngoba awekho amacala abevulwa owesifazane noma ukucela incwadi yesivikelo. UNdunankulu, uMnu Thami Ntuli, uvakashele lomndeni eyokhalisana nawo. Ukhuze abesifazane ngokungabiki ukuhlukunyezwa kwabo.
“Isihlava esibi sokuhlaselwa kwabantwana nabesifazane. Siyalwa naso, yinkinga lena ehlasele iNingizimu Afrika. Siyanxusa nokuthi imphakathi ixoxe ngalezi zinkinga kuhlanganiswe amadoda akhuzwe ngoba lezi zinto ngoba ngokuvamisile zithinta ezothando, izidakamizwa notshwala,” kusho uMnu Ntuli.
Mthobisis@ilanganews.co.za