Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Lizowudlela ejele uKhisimusi iphoyisa elisolwa ngokufa kwengoduso

Lizowudlela ejele uKhisimusi iphoyisa elisolwa ngokufa kwengoduso

by | 22 December 2024

LIZOWUDLELA ejele uKhisimusi iphoyisa laseMzimkhulu, uSgt Ntokozo Mngqithi, elibhekene namacala amane okubalwa kuwona nelokubulala ingoduso yalo, nayo eyabe iyiphoyisa, esiteshini sakhona eMzikhulu.

USgt Ntombi Mbanjwa wadutshulwa wabulawa ngoMbasa (April). UMnqithi ubevele eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu ngoLwesine lapho efike wenqatshelwa ibheyili.

Waboshwa esemsebenzini ngenyanga edlule, kulandela uphenyo lwamaphoyisa ophiko loKlebe asePort Shepstone. Ngesikhathi eyoqala ukufaka isicelo sebheyili, ngasekuqaleni kwale nyanga, uMgqithi watshela inkantolo ukuthi ukugcinwa kwakhe esitokisini kuzomosha impilo yakhe, eseyivele iqalile ukonakala njengoba ngosuku aboshwa ngalo, athola incwadi yokumumisa emsebenzini.

Waveza ukuthi njengoba engeke esawuthola umholo wakhe owu-R14 000 ngenyanga, uzothembela ebhizinisini lakhe lokudayisa izinkukhu, wathi imali ayithola kulo kayenele ukubhekana nezidingo zakhe. Wabalula nokuthi ufundisa ingane yakhe yomfana eneminyaka ewu-14, aphinde anakekele ezingamawele azizala nomufi, neyodwa ehlala nonina wayo eGoli.

Umbuso wakuphikisa konke lokhu, wathi izingane zakhe ziyanakekelwa ngonina bazo, ezikamufi zinakekelwa ngudadewabo (kamufi), wabe sewunxusa ukuba inkantolo ingamniki ibheyili. Amalungu omndeni wakwaMbanjwa atshele ILANGA ukuthi afisa ukuthola ubulungiswa.

Ngesikhathi leli phephandaba likhuluma nodadewabo kamufi, uNkz Nonkululeko Mbanjwa, uthe bagculisekile ngendlela icala eliqhubeka ngayo. Isinqumo ngebheyili kaMngqithi bekumele siphume ngesonto eledlule, kodwa kwagcina kungenzekanga njengoba uMngqithi athathwa wayokwethweswa amanye amacala amabili – okungelenkohlakalo nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho

Kwelenkohlakalo, uMngqithi usolwa ngokuphoqa umshayeli weloli eyenza ingozi, eyadlula nemiphefumulo yabantu abayisikhombisa ngo-2022, ukuba amgwazele ngo-R60 000, ukuze anyamalalise idokodo. Kuthiwa lo mshayeli wamfakela u-R30 000 ebhange, okwathi uma sekungena icala enkantolo, kwatholakala ukuthi idokodo lishoda ngobufakazi obumqoka, okwaholela ekutheni lihoxiswe icala.

Icala lizobuyela kuyo le nkantolo ngoMasingana (January) wonyaka ozwayo.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...