Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Lizowudlela ejele uKhisimusi iphoyisa elisolwa ngokufa kwengoduso

Lizowudlela ejele uKhisimusi iphoyisa elisolwa ngokufa kwengoduso

by | 22 December 2024

LIZOWUDLELA ejele uKhisimusi iphoyisa laseMzimkhulu, uSgt Ntokozo Mngqithi, elibhekene namacala amane okubalwa kuwona nelokubulala ingoduso yalo, nayo eyabe iyiphoyisa, esiteshini sakhona eMzikhulu.

USgt Ntombi Mbanjwa wadutshulwa wabulawa ngoMbasa (April). UMnqithi ubevele eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu ngoLwesine lapho efike wenqatshelwa ibheyili.

Waboshwa esemsebenzini ngenyanga edlule, kulandela uphenyo lwamaphoyisa ophiko loKlebe asePort Shepstone. Ngesikhathi eyoqala ukufaka isicelo sebheyili, ngasekuqaleni kwale nyanga, uMgqithi watshela inkantolo ukuthi ukugcinwa kwakhe esitokisini kuzomosha impilo yakhe, eseyivele iqalile ukonakala njengoba ngosuku aboshwa ngalo, athola incwadi yokumumisa emsebenzini.

Waveza ukuthi njengoba engeke esawuthola umholo wakhe owu-R14 000 ngenyanga, uzothembela ebhizinisini lakhe lokudayisa izinkukhu, wathi imali ayithola kulo kayenele ukubhekana nezidingo zakhe. Wabalula nokuthi ufundisa ingane yakhe yomfana eneminyaka ewu-14, aphinde anakekele ezingamawele azizala nomufi, neyodwa ehlala nonina wayo eGoli.

Umbuso wakuphikisa konke lokhu, wathi izingane zakhe ziyanakekelwa ngonina bazo, ezikamufi zinakekelwa ngudadewabo (kamufi), wabe sewunxusa ukuba inkantolo ingamniki ibheyili. Amalungu omndeni wakwaMbanjwa atshele ILANGA ukuthi afisa ukuthola ubulungiswa.

Ngesikhathi leli phephandaba likhuluma nodadewabo kamufi, uNkz Nonkululeko Mbanjwa, uthe bagculisekile ngendlela icala eliqhubeka ngayo. Isinqumo ngebheyili kaMngqithi bekumele siphume ngesonto eledlule, kodwa kwagcina kungenzekanga njengoba uMngqithi athathwa wayokwethweswa amanye amacala amabili – okungelenkohlakalo nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho

Kwelenkohlakalo, uMngqithi usolwa ngokuphoqa umshayeli weloli eyenza ingozi, eyadlula nemiphefumulo yabantu abayisikhombisa ngo-2022, ukuba amgwazele ngo-R60 000, ukuze anyamalalise idokodo. Kuthiwa lo mshayeli wamfakela u-R30 000 ebhange, okwathi uma sekungena icala enkantolo, kwatholakala ukuthi idokodo lishoda ngobufakazi obumqoka, okwaholela ekutheni lihoxiswe icala.

Icala lizobuyela kuyo le nkantolo ngoMasingana (January) wonyaka ozwayo.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...