Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kusolwa umbango wesikhundla kubulawa umhloli

Kusolwa umbango wesikhundla kubulawa umhloli

by | 1 April 2025

UBULAWE ngaphandle komuzi wakhe umhloli wesekethe yaseMtshezi, uNkz Bonisiwe Ndima (osesithombeni) odutshulwe wafa ngoLwesihlanu ekuseni esigcemeni saseLonghomes, eWembezi, kule ndawo.

Kusolwa umbango wesikhundla abekade ebambe kusona sokuba yiChief Education Specialist, kuyona le sekethe. Ngokuthola kweLANGA, kuthiwa ubulawe esezongena emzini wakhe abehlala kuwona eWembezi. Udabuka esiFundeni, aMajuba.

Kuvela ukuthi usebenzile ezikoleni eziningi kule ndawo, okuthe ngokuhamba kwesikhathi wathola amadlelo aluhlaza eseketheni eLoskop khona eMtshezi. Ngokwemithombo, kuthiwa uNkz Ndima ubesethubeni elihle lokuthola lesi sikhundla.

“Kunezinsolo eziqinile zokuthi ukubulawa kwakhe kumayelana nezikhala zomsebenzi emnyangweni wezemfundo. Ngokusho kwabantu abasemkhakheni wezemfundo kuyona isekethe nezinyunyana, beyikhulunywa eyokuthi kufanele umuntu wesifazane anikwe ithuba elingcono.

Lokho-ke bekusobala ukuthi lesi sikhundla uzonikwa sona ngokugcwele,” kusho umthombo.

Kuthiwa udutshulelwe emotweni yakhe ihamba, yaphaphalaza yayophoseka komunye umuzi oseduzane nalapho abehlala khona eWembezi.

Inkonzo yesikhumbuzo izokuba ngoLwesithathu ngo-9 ekuseni eDrakensberg Secondary School, eMtshezi, afihlwe ngoMgqibelo eDurnacol, eDannhauser.

Kwenzeka lokhu nje, kusukela ngesonto eledlule, umnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uqalile ukukhipha izincwadi zokuqashwa ngokugcwele kothisha abaphumelele kwizinhlolokhono zezikhundla eziphezulu ezenziwe nyakenye.

Nyakenye bekukhangiswe izikhundla okubalwa kuzona othishanhloko, amasekela, izinhloko zeminyango ehlukene nezinye.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uMnu Muzi Mahlambi, uthi bashaqekile ngezigameko zokubulawa kothisha ezenzeka ziphindelela kulesi sikhathi. Unxuse ingalo yomthetho

ukuba yenze ubulungiswa.

“Umuntu obulala uthisha unesihluku ngoba ubulala ikusasa lesizwe. Siyathemba ukuthi amaphoyisa azophenya, abathole abenzi bobubi, bajeze. Siduduza izihlobo zakhe umhloli, abalingani bakhe abesebenza eduzane nabo.

“UMnyango wezeMfundo ulahlekelwe ngoba abahloli bayizazi ezibaluleke kakhulu ezikoleni zethu,” esho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthi amaphoyisa asesiteshini saseWembezi aphenya isigameko sokubulawa kowesifazane odutshuliwe. Uthe imbangela yokubulawa kwakhe kayikaziwa.

Ezisematheni

Sezimkhalele owesifazane osolwa ekubulaweni komshayeli wakwaBolt

Sezimkhalele owesifazane osolwa ekubulaweni komshayeli wakwaBolt

SEZIMKHALELE umsolwa wesifazane osolwa ekubulaweni komshayeli wemoto yakwaBolt ePretoria West ngoLwesithathu ebusuku. Isigameko sokuklinywa kubulawe lona wesilisa obeshayela kuBolt, okubonakale ebanjwa inkunzi , sishaqise abaningi ezinkundleni zokuxhumana....

Iseyinzukayikeyi eyombango wobukhosi baKwaZulu KwaNodunga

Iseyinzukayikeyi eyombango wobukhosi baKwaZulu KwaNodunga

KUGQAME inzo-ndo emalungwini omndeni wa-sebukhosini ba-kwaZulu, Kwa-Nodunga, eMvoti, njengoba ebeseNka-ntolo eNkulu, eMgungundlovu, ngoLwesibili, ephelezele amadodana enkosi eyakhothama ngo-2016, abanga isihlalo.INkosi uNkanyiso kaQedisono Zulu (28), yiyona eyanikwa...

Wukuxhoshwa ngemali okuqhathe uTshatha nabeMpucuzeko

Wukuxhoshwa ngemali okuqhathe uTshatha nabeMpucuzeko

ULAXAZE phansi umcimbi weMpucuzeko Maskandi Festival, ‘ngenxa yoku-shaywa ngesithende’ uma kwabiwa imali yawo’, umsakazi woKhozi FM, okuthiwa nguyena umphembi wawo, kodwa ubekhala ngengcindezelo. Ngokuthola kweLANGA ngemi-thombo yalo, ubudlelwano buka-Khathide...