Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kusolwa umbango wesikhundla kubulawa umhloli

Kusolwa umbango wesikhundla kubulawa umhloli

by | 1 April 2025

UBULAWE ngaphandle komuzi wakhe umhloli wesekethe yaseMtshezi, uNkz Bonisiwe Ndima (osesithombeni) odutshulwe wafa ngoLwesihlanu ekuseni esigcemeni saseLonghomes, eWembezi, kule ndawo.

Kusolwa umbango wesikhundla abekade ebambe kusona sokuba yiChief Education Specialist, kuyona le sekethe. Ngokuthola kweLANGA, kuthiwa ubulawe esezongena emzini wakhe abehlala kuwona eWembezi. Udabuka esiFundeni, aMajuba.

Kuvela ukuthi usebenzile ezikoleni eziningi kule ndawo, okuthe ngokuhamba kwesikhathi wathola amadlelo aluhlaza eseketheni eLoskop khona eMtshezi. Ngokwemithombo, kuthiwa uNkz Ndima ubesethubeni elihle lokuthola lesi sikhundla.

“Kunezinsolo eziqinile zokuthi ukubulawa kwakhe kumayelana nezikhala zomsebenzi emnyangweni wezemfundo. Ngokusho kwabantu abasemkhakheni wezemfundo kuyona isekethe nezinyunyana, beyikhulunywa eyokuthi kufanele umuntu wesifazane anikwe ithuba elingcono.

Lokho-ke bekusobala ukuthi lesi sikhundla uzonikwa sona ngokugcwele,” kusho umthombo.

Kuthiwa udutshulelwe emotweni yakhe ihamba, yaphaphalaza yayophoseka komunye umuzi oseduzane nalapho abehlala khona eWembezi.

Inkonzo yesikhumbuzo izokuba ngoLwesithathu ngo-9 ekuseni eDrakensberg Secondary School, eMtshezi, afihlwe ngoMgqibelo eDurnacol, eDannhauser.

Kwenzeka lokhu nje, kusukela ngesonto eledlule, umnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uqalile ukukhipha izincwadi zokuqashwa ngokugcwele kothisha abaphumelele kwizinhlolokhono zezikhundla eziphezulu ezenziwe nyakenye.

Nyakenye bekukhangiswe izikhundla okubalwa kuzona othishanhloko, amasekela, izinhloko zeminyango ehlukene nezinye.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uMnu Muzi Mahlambi, uthi bashaqekile ngezigameko zokubulawa kothisha ezenzeka ziphindelela kulesi sikhathi. Unxuse ingalo yomthetho

ukuba yenze ubulungiswa.

“Umuntu obulala uthisha unesihluku ngoba ubulala ikusasa lesizwe. Siyathemba ukuthi amaphoyisa azophenya, abathole abenzi bobubi, bajeze. Siduduza izihlobo zakhe umhloli, abalingani bakhe abesebenza eduzane nabo.

“UMnyango wezeMfundo ulahlekelwe ngoba abahloli bayizazi ezibaluleke kakhulu ezikoleni zethu,” esho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthi amaphoyisa asesiteshini saseWembezi aphenya isigameko sokubulawa kowesifazane odutshuliwe. Uthe imbangela yokubulawa kwakhe kayikaziwa.

Ezisematheni

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithe esikhundleni unobhala jikelele weqembu, uMnu Sibonelo Nomvalo wafaka, uNkz Lindiwe Mtshali esikhundleni sakhe. Izinguquko zenzeke emva kophenyo lwangaphakathi oluveza ukuthi uNomvalo kukhona izinto angazihambisi kahle eqenjini...

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...