Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Senyukile futhi isibalo sabangasebenzi eNingizimu Afrika

Senyukile futhi isibalo sabangasebenzi eNingizimu Afrika

by | 12 August 2025


IYABHEBHETHEKA inkinga yokusweleka komsebenzi eNingizimu Afrika njengoba liqhubeka nokwenyuka izinga labantu abaduve emakhaya. Abantu abasha yibona abashayeka kakhulu kule nkinga.

Umbiko wakamuva oshicilelwe yiStats SA ngoLwesibili, wezibalo zabantu abangasebenzi ezweni, uveza ukuthi isibala sabantu abangasebenzi senyuke safinyelela ku-33,2% ekoteni yesibili onyakeni u-2025, sisuka ku-32,9% kwikota yokuqala yawo lo nyaka.

Ekoteni yesine ku-2024 izinga labantu abangasebenzi lalikade liku-31,9%. Kulo mbiko kubikwa ukuthi isibalo sabantu abaswele umsebenzi senyuke ngo-140 000 safinyelela ku-8,4 million.

IStats SA ithi isibalo sabantu abasha (abaneminyaka ephakathi kuka-15 no-34) abaswele umsebenzi ekoteni yesibili ka-2025 senyuke ngo-39 000 safinyelela ku-4,8 million. Njengamanje isibalo sabantu abasha abangasebenzi eNingizimu Afrika kubikwa ukuthi sihleli ku-46,1% kule kota yesibili ka-2025.

Imikhakha okubikwa ukuthi kulahleke imisebenzi eminingi kuyona yilowo oqondene nezinsiza zomphakathi nezenhlalakahle (community and social services), lapho abantu abangu-42 000 bephelelwe wumsebenzi. Eminye imikhakha eshayeke kakhulu ngowezolimo lapho abantu abawu-24 000 bephelelwe wumsebenzi, kanjalo nasemkhakheni wezemali lapho kunabantu ababalelwa ku-24 000 abaphelelwe wumsebenzi.

Iyalandela neminye imikhakha njengowezokuthutha lapho abantu abangu-15 000 bephelelwe wumsebenzi, bese kulandela eminye.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...