Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Senyukile futhi isibalo sabangasebenzi eNingizimu Afrika

Senyukile futhi isibalo sabangasebenzi eNingizimu Afrika

by | 12 August 2025


IYABHEBHETHEKA inkinga yokusweleka komsebenzi eNingizimu Afrika njengoba liqhubeka nokwenyuka izinga labantu abaduve emakhaya. Abantu abasha yibona abashayeka kakhulu kule nkinga.

Umbiko wakamuva oshicilelwe yiStats SA ngoLwesibili, wezibalo zabantu abangasebenzi ezweni, uveza ukuthi isibala sabantu abangasebenzi senyuke safinyelela ku-33,2% ekoteni yesibili onyakeni u-2025, sisuka ku-32,9% kwikota yokuqala yawo lo nyaka.

Ekoteni yesine ku-2024 izinga labantu abangasebenzi lalikade liku-31,9%. Kulo mbiko kubikwa ukuthi isibalo sabantu abaswele umsebenzi senyuke ngo-140 000 safinyelela ku-8,4 million.

IStats SA ithi isibalo sabantu abasha (abaneminyaka ephakathi kuka-15 no-34) abaswele umsebenzi ekoteni yesibili ka-2025 senyuke ngo-39 000 safinyelela ku-4,8 million. Njengamanje isibalo sabantu abasha abangasebenzi eNingizimu Afrika kubikwa ukuthi sihleli ku-46,1% kule kota yesibili ka-2025.

Imikhakha okubikwa ukuthi kulahleke imisebenzi eminingi kuyona yilowo oqondene nezinsiza zomphakathi nezenhlalakahle (community and social services), lapho abantu abangu-42 000 bephelelwe wumsebenzi. Eminye imikhakha eshayeke kakhulu ngowezolimo lapho abantu abawu-24 000 bephelelwe wumsebenzi, kanjalo nasemkhakheni wezemali lapho kunabantu ababalelwa ku-24 000 abaphelelwe wumsebenzi.

Iyalandela neminye imikhakha njengowezokuthutha lapho abantu abangu-15 000 bephelelwe wumsebenzi, bese kulandela eminye.

Ezisematheni

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

YIZITHOMBE ezithwetshulwe kwiVideo yesigameko esenzeka KwaNdengezi, ebonisa umshayeli we-Uber ehlaselwa ngonogada bamatekisi emigwaqweni (patrollers). BAZOBUYELA enkantolo ngoLwesithathu abalisa abathathu abangabaqaphi bamatekisi emgwaqweni (patrolers) abasolwa...

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

NGUMLINGISI uHope Mbhele ngesikhathi enzelwe umemulo. Sikhulume ngembeleko ngokwedlule. Nokho siyichaze njengalokhu seyazeka esikhathini sanamhlanje ngoba singafuni ukuxuba, sizithole sekudidaniseka nomhlonyane owenzelwa ingane yentombazane lapho isithombile. Imbeleko...

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

BAZOKWAKHA uzinzo ngokuhlelwa kwemidlalo yebhola yothisha kwinyunyana ebekade kungabonwa ngaso linye kuyona emuva kwengqungquthela yokukhethwa kobuholi obusha nyakanye. INational Teachers Union (Natu) ihlele imidlalo yothisha mhlaka 25 no 26 kuyona lenyanga...