Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Luzongcwatshwa ngokohlelo lobungoma uGodo Olulala Amankankane

Luzongcwatshwa ngokohlelo lobungoma uGodo Olulala Amankankane

by | 29 October 2025

YINYANGA uMnu James “God’ Olulal’ Amankankane” Mthembu, namakhosikazi akhe.

KUZOKWENZEKA okungajwayelekile ngosuku lokulondolozwa kwesidumbu sikaMnu James “God’ Olulal’ Amankankane” Mthembu (61) obeyinyanga edumile kuleli yasePhelandaba, eManguzi, KwaMhlabuyalingana.

Umufi udlule emhlabeni ngezithuba zakusihlwa ngoLwesihlanu emuva kokudutshulwa amahlandla amaningi ngabantu abangaziwa esemzini wakhe. Udutshulwe kulungiselelwa ukuqala kokudliwa kwenyama ebiyosiwa kuma-braai stands amabili, ngenhloso yokuzithokozisa nomndeni wakhe.

Ngokusho kukaMnu Khuphula Mthembu, ongumfowabo kamufi, umngcwabo kamfowabo uzosingathwa ngendlela engajwayelekile.

“Ukuphuma kwesidumbu endlini kuyiwa emathuneni, kuzobe kwenziwa ngohlelo lwempilo abeyiphila yokwelapha. Izangoma zizosina zidedelana. Maphakathi neviki, kuzoba nosuku lapho kuzoba nomgidi wezangoma okulindeleke ukuba ziqhamuke ezingxenyeni ezahlukene zaKwaZulu-Natal.

“Siyazikhalela ngokwenzekile kodwa nathi sikhalela wona umphakathi ngoba umfowethu wazinikela ekuwusizeni ngengxenye enkulu yenzuzo abeyithola ngomsebenzi namabhizinisi akhe. Akafundanga njengoba wagcina emabangeni aphansi, kodwa ubezithanda izinto ezinhle futhi eyikhuthaza nemfundo ezinganeni.

“Kubona bonke abake bathwasa lapha kumfowethu, akakaze athwasise izingane, kunalokho ubezijikisa, athi maziyoqhubeka nemfundo ezikoleni,” esho.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...