Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Luzongcwatshwa ngokohlelo lobungoma uGodo Olulala Amankankane

Luzongcwatshwa ngokohlelo lobungoma uGodo Olulala Amankankane

by | 29 October 2025

YINYANGA uMnu James “God’ Olulal’ Amankankane” Mthembu, namakhosikazi akhe.

KUZOKWENZEKA okungajwayelekile ngosuku lokulondolozwa kwesidumbu sikaMnu James “God’ Olulal’ Amankankane” Mthembu (61) obeyinyanga edumile kuleli yasePhelandaba, eManguzi, KwaMhlabuyalingana.

Umufi udlule emhlabeni ngezithuba zakusihlwa ngoLwesihlanu emuva kokudutshulwa amahlandla amaningi ngabantu abangaziwa esemzini wakhe. Udutshulwe kulungiselelwa ukuqala kokudliwa kwenyama ebiyosiwa kuma-braai stands amabili, ngenhloso yokuzithokozisa nomndeni wakhe.

Ngokusho kukaMnu Khuphula Mthembu, ongumfowabo kamufi, umngcwabo kamfowabo uzosingathwa ngendlela engajwayelekile.

“Ukuphuma kwesidumbu endlini kuyiwa emathuneni, kuzobe kwenziwa ngohlelo lwempilo abeyiphila yokwelapha. Izangoma zizosina zidedelana. Maphakathi neviki, kuzoba nosuku lapho kuzoba nomgidi wezangoma okulindeleke ukuba ziqhamuke ezingxenyeni ezahlukene zaKwaZulu-Natal.

“Siyazikhalela ngokwenzekile kodwa nathi sikhalela wona umphakathi ngoba umfowethu wazinikela ekuwusizeni ngengxenye enkulu yenzuzo abeyithola ngomsebenzi namabhizinisi akhe. Akafundanga njengoba wagcina emabangeni aphansi, kodwa ubezithanda izinto ezinhle futhi eyikhuthaza nemfundo ezinganeni.

“Kubona bonke abake bathwasa lapha kumfowethu, akakaze athwasise izingane, kunalokho ubezijikisa, athi maziyoqhubeka nemfundo ezikoleni,” esho.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...