Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UDumi ugqamisa iminyaka ewu-12 kwewu-25 esemculweni

UDumi ugqamisa iminyaka ewu-12 kwewu-25 esemculweni

by | 29 October 2025

UQHAKAMBISA ukusetshenzelwa yimi-nyaka ewu-12 kwewu-25, aseyichithe emculweni, umculi we-gospel, uDumi Mkokstad, ozophothula umjikelezo wakhe eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini ngomhla ka-29 kuLwezi (November) ngenyanga ezayo.

Lo mzungezo ubizwa ngeKingdom Mandate Revival Tour. UDumi (osesithombeni) ungomunye wabaculi abangene kulo mkhakha eseyingane, njengoba eseze wakhula, wazakhela igama kuwona. Uthi nakuba egubha iminyaka ewu-25 ekulo mkhakha, kodwa ewu-13 ifana nenge-kho ngenxa yokutabalasa nokungaziboni izithelo zokuba kuwo.

“Kule minyaka yokuqala ewu-13 ngisemculweni, bengingakwazi nokuthengela abazali izinto eziphathekayo noma ukubona nje izithelo zokuba semculweni. Kuphoqe ukuba ngishiye isikole ebengenza kahle kakhulu kusona, ngiphinde ngishiye nebhola ebengizifela kakhulu ngalo, ukuze ngifake wonke umqondo emculweni,” esho.

Uthi impilo yakhe emculweni ishintshe ngengoma ahlabana ngayo indondo yeSong of the Year koweCrown Gospel Music Awards ngo-2013, esihloko sithi, Mbize.

“Kusukela lapho kangibange ngisabheka emuva, uNkulunkulu uzibonakalisile empilweni yami njengoba ngikwazile ukuqala ukwenzela abazali bami izinto, okuyinto ebihlale iyiphupho kimina,” esho.

Uthe kule minyaka esemculweni, kuningi okube yizingqinamba nokube kuhle kuyena.

“Yize uhambo lwami lube nezihibe emculweni, kodwa kuningi okuhle okwenzekile, ikakhulukazi kule minyaka ewu-12 edlule, kuze kube yimanje, kubalwa nokuvula inkampani yami, iShama Records esengisayinise abaculi ngaphansi kwayo,” esho.

Umzungezo azowusonga eThekwini – ohambisana nokuqoshwa kwezingoma zakhe – uqale eGoli lapho okwakugcwele khona phama, wadlulela eCape Town. Uthi wenze ngamabomu ukugcina eThekwini njengoba ebefuna ukuwuvala ngegiya eliphezulu.

“Bengazi ukuthi uma siwuvala eThekwini, abantu bazoweseka lo mcimbi okubonakala ngendlela amathikithi abawathenga ngayo. Kuyisibusiso ukubona intshisekelo ekhonjiswa ngabantu baseThekwini ngalo mcimbi,” esho.

NgoLwesihlanu kuphume enye yezingoma ayenze noSbu Noah, ayiqophe kuwona lo mzungezo esihloko sithi, Lingevinjwe. Uthe ngaphambi ko-mhla ka-29 womcimbi, kunengoma azoyikhipha. Unxuse abantu ukuthenga amathikithi, wathi uhlose ukw-lapha imiphefumulo ngezingoma zakhe.

Kulo mcimbi uzobe ehambisana noSbu Noah, uSneziey, uTimothy Myeni wodumo lweNcandweni Christ Ambassadors, uXolly Mncwango, uSindi Ntombela, uNontokozo Mkhize, uNomini Nyawose no-OnceMore Six.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...