Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UDumi ugqamisa iminyaka ewu-12 kwewu-25 esemculweni

UDumi ugqamisa iminyaka ewu-12 kwewu-25 esemculweni

by | 29 October 2025

UQHAKAMBISA ukusetshenzelwa yimi-nyaka ewu-12 kwewu-25, aseyichithe emculweni, umculi we-gospel, uDumi Mkokstad, ozophothula umjikelezo wakhe eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini ngomhla ka-29 kuLwezi (November) ngenyanga ezayo.

Lo mzungezo ubizwa ngeKingdom Mandate Revival Tour. UDumi (osesithombeni) ungomunye wabaculi abangene kulo mkhakha eseyingane, njengoba eseze wakhula, wazakhela igama kuwona. Uthi nakuba egubha iminyaka ewu-25 ekulo mkhakha, kodwa ewu-13 ifana nenge-kho ngenxa yokutabalasa nokungaziboni izithelo zokuba kuwo.

“Kule minyaka yokuqala ewu-13 ngisemculweni, bengingakwazi nokuthengela abazali izinto eziphathekayo noma ukubona nje izithelo zokuba semculweni. Kuphoqe ukuba ngishiye isikole ebengenza kahle kakhulu kusona, ngiphinde ngishiye nebhola ebengizifela kakhulu ngalo, ukuze ngifake wonke umqondo emculweni,” esho.

Uthi impilo yakhe emculweni ishintshe ngengoma ahlabana ngayo indondo yeSong of the Year koweCrown Gospel Music Awards ngo-2013, esihloko sithi, Mbize.

“Kusukela lapho kangibange ngisabheka emuva, uNkulunkulu uzibonakalisile empilweni yami njengoba ngikwazile ukuqala ukwenzela abazali bami izinto, okuyinto ebihlale iyiphupho kimina,” esho.

Uthe kule minyaka esemculweni, kuningi okube yizingqinamba nokube kuhle kuyena.

“Yize uhambo lwami lube nezihibe emculweni, kodwa kuningi okuhle okwenzekile, ikakhulukazi kule minyaka ewu-12 edlule, kuze kube yimanje, kubalwa nokuvula inkampani yami, iShama Records esengisayinise abaculi ngaphansi kwayo,” esho.

Umzungezo azowusonga eThekwini – ohambisana nokuqoshwa kwezingoma zakhe – uqale eGoli lapho okwakugcwele khona phama, wadlulela eCape Town. Uthi wenze ngamabomu ukugcina eThekwini njengoba ebefuna ukuwuvala ngegiya eliphezulu.

“Bengazi ukuthi uma siwuvala eThekwini, abantu bazoweseka lo mcimbi okubonakala ngendlela amathikithi abawathenga ngayo. Kuyisibusiso ukubona intshisekelo ekhonjiswa ngabantu baseThekwini ngalo mcimbi,” esho.

NgoLwesihlanu kuphume enye yezingoma ayenze noSbu Noah, ayiqophe kuwona lo mzungezo esihloko sithi, Lingevinjwe. Uthe ngaphambi ko-mhla ka-29 womcimbi, kunengoma azoyikhipha. Unxuse abantu ukuthenga amathikithi, wathi uhlose ukw-lapha imiphefumulo ngezingoma zakhe.

Kulo mcimbi uzobe ehambisana noSbu Noah, uSneziey, uTimothy Myeni wodumo lweNcandweni Christ Ambassadors, uXolly Mncwango, uSindi Ntombela, uNontokozo Mkhize, uNomini Nyawose no-OnceMore Six.

Ezisematheni

Uchazwe njengesibusiso onikele ngoR200 000 esikoleni saseNanda

Uchazwe njengesibusiso onikele ngoR200 000 esikoleni saseNanda

UCHAZWE njengesibusiso esikoleni samabanga aphakeme Inanda Newtown Comprehensive High School usomabhizinisi onikele ngesamba sikaR200 000 ukusiza abafundi abadinga usizo nezidingo zesikole. UMnu Sandile Msomi ongumnikazi wezinkampani iQiniso Protection Services...

Ijaji ‘leseka’ umthetho welobolo osuqubule ingebhe

Ijaji ‘leseka’ umthetho welobolo osuqubule ingebhe

UGALAGALA lweJaji eselithathe umhlalaphansi, uMjabuliseni Madondo, lithi akukho okungalungile ngoMthetho wesiNtu, olawula umshado ohlanganisa amafa. INkantolo yoMthethosisekelo, isanda kuphasisa uMthetho othi, uma sekuke kwafika abakhongi, baqala izingxoxo zamalobolo,...

Lenyukile inani lezivakashi ngonyaka owedlule

Lenyukile inani lezivakashi ngonyaka owedlule

UNGQONQGOSHE wezokuVasha kuZwelonke, uNkk Patricia de Lille uzishaya isifuba ngokwenyuka kwesibalo sabantu abavakashe eNingizimu Afrika, ngonyaka odlule (2025). Ekhuluma esithangamini sabezindaba, uNkk de Lille, uthe zingu 10,4 million izivakashi ezitheleke ezweni...