Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Kuzodela umakhasana kushukana Imthente neZingane Zoma esiteji

Kuzodela umakhasana kushukana Imthente neZingane Zoma esiteji

by | 8 November 2024

MTHOBISI SITHOLE

AKHUTHAZA ukuzizamela amaciko esifazane emculweni wesintu njengoba ehlele umcimbi wawo lapho ezobe edelisana ngengoma eJoburg Theatre, eGoli ngeSonto ebusuku. 

Amaqembu amakhulu abaculi besifazane okuyiwona amadala kumaskandi – Izingane Zoma neMithente – anendumezulu yomcimbi lapho ezoqhudelana khona ngezingoma zawo, kusukela asungulwa kuze kube yimanje. 

UDumisile “KaManana” Mthalane weMithente, uthi ukufika kwabahleli bemicimbi abangekho emculweni, kubuyisele kakhulu emuva amaciko ekuzizameleni wona. “Eminyakeni edlule beyihlelwa imidlalo yasemahholo, kutholakale imali, bese amaqembu ehlukaniselana. Ukuzihlelela bekusenza, siwukhuthalele umsebenzi esiwenzayo. Ukuhlangana neZingane Zoma kufanele ngabe yinto esayenza kudala ngoba kasikaze sixabane njengoba kunezimpi emculweni,” kusho uKaManana.

Utshele ILANGA ukuthi bakhuthaza abaculi besifazane abasebancane ukuba babukele kuwona la maqembu ngoba sekunesikhathi eside eyibambile endimeni yomculo wesintu. “Sinethemba lokuthi kuzothela izithelo ezinhle esikwenzayo ngoba siyafuna ukuthi abantu besifazane basondele kulo mculo, kwazise sesibadala. Siyafuna kube khona amaqembu azokhula afike ezingeni leMithente neZingane Zoma,” desho. 

UThandoluni Phungula weZingane Zoma, uthe lonke leli sonto bayazicija, bafuna ukwenza ezibukwayo. 

Kulo mcimbi kungenwa ngo-R300. Izingane Zoma zasungulwa ngo-1993 nguMnu Shobeni Khuzwayo, ebambisene noMnu Busani Khuzwayo noMnu Mqapheleni Magubane, zakhipha albhamu yokuqala, ethi “Izinkomo”. 

IMithente yona yasungulwa nguMnu Simosakhe Mthalane (ongasekho), yakhipha albhamu yokuqala ngo-1995, ethi “Umbulali”. 

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...