Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Kuzodela umakhasana kushukana Imthente neZingane Zoma esiteji

Kuzodela umakhasana kushukana Imthente neZingane Zoma esiteji

by | 8 November 2024

MTHOBISI SITHOLE

AKHUTHAZA ukuzizamela amaciko esifazane emculweni wesintu njengoba ehlele umcimbi wawo lapho ezobe edelisana ngengoma eJoburg Theatre, eGoli ngeSonto ebusuku. 

Amaqembu amakhulu abaculi besifazane okuyiwona amadala kumaskandi – Izingane Zoma neMithente – anendumezulu yomcimbi lapho ezoqhudelana khona ngezingoma zawo, kusukela asungulwa kuze kube yimanje. 

UDumisile “KaManana” Mthalane weMithente, uthi ukufika kwabahleli bemicimbi abangekho emculweni, kubuyisele kakhulu emuva amaciko ekuzizameleni wona. “Eminyakeni edlule beyihlelwa imidlalo yasemahholo, kutholakale imali, bese amaqembu ehlukaniselana. Ukuzihlelela bekusenza, siwukhuthalele umsebenzi esiwenzayo. Ukuhlangana neZingane Zoma kufanele ngabe yinto esayenza kudala ngoba kasikaze sixabane njengoba kunezimpi emculweni,” kusho uKaManana.

Utshele ILANGA ukuthi bakhuthaza abaculi besifazane abasebancane ukuba babukele kuwona la maqembu ngoba sekunesikhathi eside eyibambile endimeni yomculo wesintu. “Sinethemba lokuthi kuzothela izithelo ezinhle esikwenzayo ngoba siyafuna ukuthi abantu besifazane basondele kulo mculo, kwazise sesibadala. Siyafuna kube khona amaqembu azokhula afike ezingeni leMithente neZingane Zoma,” desho. 

UThandoluni Phungula weZingane Zoma, uthe lonke leli sonto bayazicija, bafuna ukwenza ezibukwayo. 

Kulo mcimbi kungenwa ngo-R300. Izingane Zoma zasungulwa ngo-1993 nguMnu Shobeni Khuzwayo, ebambisene noMnu Busani Khuzwayo noMnu Mqapheleni Magubane, zakhipha albhamu yokuqala, ethi “Izinkomo”. 

IMithente yona yasungulwa nguMnu Simosakhe Mthalane (ongasekho), yakhipha albhamu yokuqala ngo-1995, ethi “Umbulali”. 

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...