Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Zishiye umonakalo iziphepho eNkandla

Zishiye umonakalo iziphepho eNkandla

by | 28 December 2024

UMNYANGO wezokuHlaliswa kwabantu KwaZulu-Natal, oholwa nguMnu Siboniso Duma, uthi kuzoqalwa uhlelo lokuhlonza umonakalo owenziwe yizimvula nomoya onamandla endaweni yaseManzamnyama, eNkandla, namuhla.

Abesimo sezulu noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu esifundazweni bebeke baxwayisa ngezimvula ezinamandla nesiphepho.

Ngokusho komnyango kaDuma, asekhona amathimba ezimo eziphuthumayo ezindaweni ezikhahlamezekile, ukwelekelela abathintekile. Osukwini lwakusasa uthe kuzobe sekuhlonzwa umonakalo, futhi kubhekwe izinto ezidingeka ngokushesha yilabo abathintekile, ukuze kuqalwe ngazo.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...