Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kutshalwe isizumbulu sezigidi esizofukula abalimi abafufusayo eKing Cetshwayo

Kutshalwe isizumbulu sezigidi esizofukula abalimi abafufusayo eKing Cetshwayo

by | 23 May 2025

IYAQHUBEKA nokutshala izizumbulu zezigidi entuthukweni yomphakathi KwaZulu-Natal, inkampani enkulukazi yezimayini iRio Tinto, eyengamele iRichards Bay Minerals (RBM).


Le nkampani isebenzisana kakhulu nemiphakathi yalapho inezimayini khona. NjengaseRichards Bay, iRBM isebenza kakhulu nemiphakathi okubalwa owesizwe sakwaDube, Mkhwanazi, Sokhulu, nomphakathi wakwaMbonambi okuyilapho inezimayini khona.


Muva nje iRio Tinto itshale isamba esiwu-R6.9 million esizolekelela ukufukula abalimi abamnyama abafufusayo. Le nkampani yenze isivumelwano seminyaka emibili sokusebenzisana neLima Rural Development Foundation (Lima), okuyinhlangano ecathulisa, ifukule abalimi, ikakhulukazi abasezindaweni zasemakhaya.


Babalelwa ku-200 abalimi okubikwa ukuthi bazohlomula kulolu xhaso oluzosatshalaliswa yiLima ngezinhlelo zayo zokuthuthukisa abalimi. Kulezo zinhlelo kubalwa ukuqeqeshwa kwabalimi, bacijwe ngolwazi oluzobalekelela ukuthuthukisa umsebenzi wabo. Okunye futhi abasizakala ngakho wusizo lokufinyeleliswa kwizinsiza ezifanele zokuqhuba umsebenzi, kanjalo nokubasiza bakwazi ukufinyelela ezimakethe zokuhweba ngemikhiqizo yabo ukuze benze inzuzo.
Laba balimi abazohlomula baphuma ngamaphansi kwezindawo eziwu-10 zamakhosi, ngaphansi kwesifunda iKing Cetshwayo.

Ngokusho koMqondisi oMkhulu ophethe iRio Tinto Iron neTitanium Africa Operations kanye neRBM, uMnu Werner Duvenhage, abalimi basezindaweni zasemakhaya babhekana nezinselelo ezinkulu ezenza kube nzima ukufinyelela ezimakethe zokuhweba ngomkhiqizo wabo, kanti futhi kunzima nokufinyelela kwizindlela zesimanje zokulima. Uthi-ke ukubambisana kwabo neLima kuzobhekana ngqo nalezi zingqinamba futhi kuthuthukise umkhakha wezolimo ezindaweni zasemakhaya.
“Siyaziqhenya ngokubambisana neLima ukuletha ushintsho ngalolu hlelo emiphakathini,” kusho uDuvenhage.


UNkk Lynette Parsons onguMqondisi oMkhulu weLima naye uthe bathokoza kakhulu ngokubambisana neRBM kulolu hlalo lokufukula abalimi, nokuphucula impilo yabantu ezindaweni zasemakhaya.


IRio Tinto ithi lolu hlelo luyahambisana nezinhlelo zikahulumeni zokulwa nobubha.
Ngaphandle kwalolu hlelo lokufukula abalimi, iRio Tinto ixhase inqwaba yemisebenzi yomphakathi, ikakhulukazi kulezo zindawo esebenzela noma enezimayini kuzo, njengakhona eRichards Bay lapho kunezimayini zeRBM khona.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...