
INGQIKITHI yobufakazi obethulwe ngowayengungqongqoshe wamaphoyisa uMnu Bheki Cele, ekomidini lesikhashana lasePhalamende eliphenya ngokugxambukela kosopolitiki ekusebenzeni kwamaphoyisa, bukhomba ukuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe, uMnu Senzo Mchunu, wayezicabela indlela yokuba ngumengameli noma yiphini likamengameli we-African National Congress (ANC), engqungqutheleni yale nhlangano ezoba ngo-2027.
UCele uthi lokhu kwadalulwa ngusomabhizinisi otoke eKgosi Mampuru Correctional Centre, ePretoria, uMnu Vusumuzi “Cat” Matlala ngesikhathi ehlangana naye eBeverly Hills Hotel, eMhlanga, ngoZibandlela (December) wango-2024.
UCele uthi uMatlala wamtshela ukuthi uxhunyaniswe nguMnu Brown Mogotsi noMchunu, wamnxusa ukuba axhase ngemali umkhankaso wakhe wokuba ngumengameli noma iphini likamengameli we-ANC.
“UCat wathi uMchunu wamcela ukuthi makabe yingxenye yethimba elizosebenza ekutheni athole esinye salezi zikhundla eziphezulu, kodwa angasondezi mina (uBheki Cele) noMnu Jacob Zuma. Kangazi ukuthi wayengihlanganisa kanjani noZuma.
“UCat wabuye wathi wayalelwa nguJenene uShadrack Sibiya ukuba abhale isitatimende esifungelwe, esithi ngesikhathi kugasela uphiko lwamaphoyisa olwaliujutshwe nguJenene Dumisani Khumalo emzini wakhe, kwantshontshwa ubucwebe bomkakhe.
“Wathi uJenene Sibiya wayefuna uJenene Khumalo aboshwe khona ezombeka icala. UCat wathi akakwenzanga lokho ngoba unamathenda awathola emaphoyiseni,” kusho uCele kumalungu ekomidi.
Umhlaziyi wepolitiki ozinze e-University of KwaZulu-Natal (UKZN), uMnu Zakhele Ndlovu, uthi ngaphambi kokudalulwa kwegama likaMchunu nguJenene Nhlanhla Mkhwanazi, uMacingwane ubenokwesekwa emagatsheni e-ANC.
“Ukhumbule ukuthi ngo-2017, engqungqutheleni ye-ANC eyayiseNasrec, uMchunu waphonsela inselelo uMnu Ace Magashule esikhundleni sokuba nguNobhala-Jikelele we-ANC kodwa wakhala ngaphansi. Uyaziwa uMchunu ukuthi uyisethenjwa sikaMengameli uCyril Ramaphosa.
“Izinhlelo ezikhona ezisebenza umshoshaphansi bezithi uMchunu kufanele abengumengameli we-ANC ngo-2027, aqhubeke nokuba ngungqongqoshe wamaphoyisa ukuze umengameli uRamaphosa ezoqedela kahle ihlandla lakhe ngo-2029. Lezi zinhlelo seziphazamisekile ngezinsolo zikaMkhwanazi,” kuhlaziya uNdlovu.







