
KUTUSWE amagalelo nokungagxambukeli kwakhe emsebenzini wethimba lezindaba koMqondisijikelele wephephandaba ILANGA othathe umhlalaphansi, uMnu Arthur Jacob “AJ” Konigkramer.
UKonigkramer (84), ubeke phansi izintambo zokuhola leli phephandaba ngoLwesine, ngemuva kweminyaka ewu-40 eyibambile. Ngalo uLwesine, ithimba leLANGA limenzele umcimbi wokumvalelisa.
Ekhuluma kulo mcimbi uMhleli oMkhulu weLANGA, uMnu Philani Mgwaba, ubuyekeze imizuzu yakhe noKonigkramer yeminyaka edlule.
“Kule minyaka yami eyisikhombisa nengxenye esengiyihlalile kuleli phephandaba, kangikhumbuli nakanye u-AJ egxambukela emsebenzini wami wokuhlela izindaba. Ngingakusho kugcwale umlomo ukuthi ngokwenzenjalo kwakhe, nami ngibe nogqozi lokuqhubeka ngikuthande, futhi ngikukhuthalele ukusebenzela ILANGA.
“Mina no-AJ sazana kudala ngaphambi kokuba ngizosebenza lapha. Besiyaye sixhumane, sicobelelane ngolwazi kwaze kwaba ngizosebenza lapha. Ngidlulisa okukhulu ukubonga kuye. UKonigkramer ulisebenzele ngokukhulu ukwethembeka leli phephandaba, waqinisekisa ukuthi libika ngokungachemi nangokwethembeka. Sekuyisikhathi sokuthi ayophumula nomndeni wakhe, ngimfisela ukuphumula okuhle,” esho.
Imenenja-jikelele yeLANGA uMnu Vishal Nunkumar, ithe simethusile isimemezelo sika-AJ sokubeka phansi izintambo.
“Kwakuyinyanga edlule ngesikhathi u-AJ ebika ukuthi usecabanga ukubeka phansi izintambo ekuholeni leli phephandaba. Lokhu kwalandelwa wukuthi abize umhlangano nabo bonke ababamba iqhaza ephephandabeni, ebatshela ukuthi uyagcina ekupheleni kwenyanga edlule.
“Kule minyaka, sisebenze kahle naye, sekuyisikhathi sokuthi ayophumula manje. Siyabonga ngomsebenzi omuhle awenzele leli phephandaba,” esho.
Izisebenzi zeLANGA zisike elijikayo ngemibhalo zibonga, zitusa amagalelo ka-AJ. UMhleli wezeMidlalo uMnu Zakhele Mchunu, uhambe emazwini kaMgwaba, encoma ukungagxambukeli emsebenzi wakhe kuka-AJ.
“Eminyakeni ecela kwewu-20 ngihlela ezemidlalo kuleli phephandaba, u-AJ akakaze agxambukele nakanye emsebenzini engiwuqashelwe. Ubeze ancokole ngokuthi uze akhohlwe wukuthi kunethimba lezemidlalo ngoba kalimniki izinkinga, lenza umsebenzi eliwuqashelwe,” esho.
Intatheli yeLANGA uNkz Thandi Zondi, ibonge igalelo lika-AJ lokuqinisekisa ukuthi ulimi lwesiZulu kalushabalali, njengoba ekwazile ukugcina ILANGA liphila iminyaka eminingi. Ubonge ithuba alithola lokukhula emkhakheni wobuntatheli.
Umdidiyeli waleli phephandaba uMnu Sazi Mkhwanazi, uchaze u-AJ njengomholi obekwazi ukubuyisa ukuzethemba ezisebenzini, ngoba ukuxhumana kwakhe nazo, bekufana nokomzali exhumana nezingane zakhe. Uthe ngaphandle komsebenzi, kuningi akufundile ku-AJ, ikakhulukazi umlando nezemvelo.
“Kwesinye isikhathi bengize ngibe namahloni uma esegabavula umlando kaZulu, enjalo nje uyindoda enesihe, futhi ehlale izimisele ngokulalela uvo lwabanye abantu. Ngimfisela impilo ende, ayidle kahle endala,” esho.
UNkz Bo Thom owengamele ophikweni lwezokukhangisa kuleli phephandaba, naye uncome ukusebenza okuhle no-AJ.
Umfanise nenqolobane yolwazi ehambayo ngokuningi okuthinta impilo jikelele. Uthe ubekuthokozela ukumlalela elanda izindaba zakhe, nezigameko ahlangabezane nazo empilweni. U-AJ ube nomunyu, wahluleka nawukukhuluma.
Ubonge ithimba leLANGA ngakho konke okwenzekile.







