Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuvuka uphenyo ngokufa kwezishoshovu ze-ANC

Kuvuka uphenyo ngokufa kwezishoshovu ze-ANC

by | 10 April 2025

UPHIKO lwezokushushisa kuleli iNational Prosecuting Authority (NPA) imemezele ukuvulwa kabusha kophenyo maqondana nokufa kwezishoshovu ze-ANC. 

I-NPA ithi kuzovulwa kabusha idokodo ngokufa kweNkosi u-Albert Luthuli eyaba ngumengameli we-ANC nommeli owayeyisishoshovu sokulwelwa amalungelo abantu, uMnu Griffiths Mxenge.

ULuthuli wadlula emhlabeni ngo-1967, kanti kuthiwa imbangela yokufa kwakhe kwaba yisigameko sokushayiswa yisitimela. UMxenge yena wadutshulwa wabulawa ngentululwane yezinhlamvu ngabantu abangaziwa esemzini wakhe eMlazi, eThekwini, ngonyaka ka-1981. Ngonyaka ka-1987 kwalandela umkakhe uNkk Victoria Mxenge, naye okuthiwa wabulawa ngabantu.

Ukufa kuka Luthuli kwashiya izakhamizi zakuleli zidangele, kunanezinsolo eziqinile zokuthi ukufa kwakhe kwaba nenhlese yezombusazwe.

"Okwenza ukuthi sishaye amakhala wukuthi ngesikhathi eshayiswa yisitimela uLuthuli, wayeboshelwe ngaphakathi emzini wakhe (house arrest), engavunyelwe ukuphumela ngaphandle. Nabanye abaholi okubalwa kubona iNkosi uMangosuthu Buthelezi babengavunyelwe ukungena emzini wakhe (uLuthuli) bahlangane naye.

"Wonke umuntu owayefuna ukumbona wayefike axoxe naye eme ngaphandle," kusho umthombo.

Okhulumela i-ANC eKZN uMnu Fanle Sibisi uthe leli qembu liyakwemukela ukuvulwa kabusha kophenyo.

Okhulumela iNPA KwaZulu-Natal uMnu Khetha Sangweni uthe lolu phenyo luzovulwa kabusha ngumqondisi weNPA eKZN, u-Adv Elaine Harrison.

"Umqondisi uzokwenza uphenyo ngokubambisana nezinye izinhlaka zezomthetho. Lokhu kuzokwenziwa ngenhloso yokuba kuthobeke amanxeba emindeni eyalahlekelwa ngabathandiweyo bayo," kusho uSangweni.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...