Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuvuka uphenyo ngokufa kwezishoshovu ze-ANC

Kuvuka uphenyo ngokufa kwezishoshovu ze-ANC

by | 10 April 2025

UPHIKO lwezokushushisa kuleli iNational Prosecuting Authority (NPA) imemezele ukuvulwa kabusha kophenyo maqondana nokufa kwezishoshovu ze-ANC. 

I-NPA ithi kuzovulwa kabusha idokodo ngokufa kweNkosi u-Albert Luthuli eyaba ngumengameli we-ANC nommeli owayeyisishoshovu sokulwelwa amalungelo abantu, uMnu Griffiths Mxenge.

ULuthuli wadlula emhlabeni ngo-1967, kanti kuthiwa imbangela yokufa kwakhe kwaba yisigameko sokushayiswa yisitimela. UMxenge yena wadutshulwa wabulawa ngentululwane yezinhlamvu ngabantu abangaziwa esemzini wakhe eMlazi, eThekwini, ngonyaka ka-1981. Ngonyaka ka-1987 kwalandela umkakhe uNkk Victoria Mxenge, naye okuthiwa wabulawa ngabantu.

Ukufa kuka Luthuli kwashiya izakhamizi zakuleli zidangele, kunanezinsolo eziqinile zokuthi ukufa kwakhe kwaba nenhlese yezombusazwe.

"Okwenza ukuthi sishaye amakhala wukuthi ngesikhathi eshayiswa yisitimela uLuthuli, wayeboshelwe ngaphakathi emzini wakhe (house arrest), engavunyelwe ukuphumela ngaphandle. Nabanye abaholi okubalwa kubona iNkosi uMangosuthu Buthelezi babengavunyelwe ukungena emzini wakhe (uLuthuli) bahlangane naye.

"Wonke umuntu owayefuna ukumbona wayefike axoxe naye eme ngaphandle," kusho umthombo.

Okhulumela i-ANC eKZN uMnu Fanle Sibisi uthe leli qembu liyakwemukela ukuvulwa kabusha kophenyo.

Okhulumela iNPA KwaZulu-Natal uMnu Khetha Sangweni uthe lolu phenyo luzovulwa kabusha ngumqondisi weNPA eKZN, u-Adv Elaine Harrison.

"Umqondisi uzokwenza uphenyo ngokubambisana nezinye izinhlaka zezomthetho. Lokhu kuzokwenziwa ngenhloso yokuba kuthobeke amanxeba emindeni eyalahlekelwa ngabathandiweyo bayo," kusho uSangweni.

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...