KUMANGAZE abaningi ukuvela kwenqwaba yabokufika eNingizimu Afrika, abebengekho ohlwini lwabathathwe ngamabhasi abethutha abebehleli emgaqweni uChe Guevara ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya.
NgoLwesibili kufike amabhasi amahlanu abezothatha abokufika abese behlale emgaqweni izinyanga ezingaphezu kwezinhlanu ngoba bebaleke ezindaweni zabo abebehlala kuzona, besaba abamashaya ngenhloso yokuxosha abangaphandle abangenamaphepha.

Ngokwezibalo ezike zavela, kuthiwe bangu-357 abantu abebehleli kulo mgwaqo kodwa kuvele ukuthi bangu-282 abahlonzwe wuMnyango wezaseKhaya. Kuleli nani bangu-274 abathathwe amabhasi abahambisa eLindela eGoli.
Isikhulu esiphezulu eMnyangweni wezaseKhaya kwaZulu-Natal, uMnu Cyril Mncwabe uthe kwasekuqaleni babazi abantu abangu-282 abafika bahlala ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya kuChe Guevara. Abanye uthe ababazi ukuthi bafika kanjani.
“Nangesikhathi sihlela ukuthatha abantu abazoyiswa eGoli besazi abangu-282 abahlonziwe. Okudale ukuthi sehle isibalo ukuthi kukhona owesifazane ogulelwa yingane ehlolwe wudokotela wathi ngeke ikwazi ukuhamba ibanga elide, kwaphoqa ukuthi isale nonina. Kuphinde kube nabanye ababili abahamba amacala la esifundazweni njengoba bethweswe awokushaya emva kokulwa nabeMarch and March okuphoqe ukuthi bangahambi. Abane bazinqabele ukuhamba bathi abazimisele ukuyohlala eGoli. Abanye asinalwazi nabo kodwa esingakuqinisekisa ukuthi akukho muntu okudingeka abuye abonakale ehleli ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya kuChe Guevara,” esho.
Uthe abasele abasewona umthwalo wabo.
Emva kokuhamba kwamabhasi kusale ezinye izinkumbi zabantu bokufika eziqhutshwe amaphoyisa zisuswa ngasemahhovisini oMnyango wezaseKhaya. Kuthiwe kukhona la beyoquba khona kancane kodwa abezinhlangano ezingenzi nzuzo bazobahlelela indawo.
tndlovu@ilanganews.co.za







