
UZOKHUNJULWA ngeqhaza lakhe emkhakheni wezenkolo uMfu Bhekizipho Khulekani ‘BK’ Dludla (99).
UDludla ubengumholi we-United Congregational Church of Southern Africa (UCCSA) ngaphambi kokuthatha umhlalaphansi. Izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni ziqinisekiswe wumndeni wakhe nabaholi bebandla ngoMgqibelo.
Ungowokuzalwa eMfanefile, eMelmoth. Uhlale kakhulu eThekwini, ehola ibandla egatsheni elisenkabeni yedolobha. Ngo-2022 ibandla lakhe kuwona wonke amagatsha limenzele umcimbi wokumvalelisa, ngoba kuthiwa usebuyela emakhaya lapho ezalwa khona.
Umcimbi wokubongwa kwakhe wawuhanjelwe ngabaholi bemikhakha eyahlukene okubalwa kubona abangani bakhe abakhulu okunguMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi (ongasekho) noMnu Jacob Zuma owayengume-ngameli wakuleli.
Emuva komcimbi wokuvaleliswa kukaDludla, kwaphela izinyanga ezingaphezulu kweziyisishiyagalombili engakaphumi endlini yebandla eThekwini, okwakufanele kuhlale kuyona umholi omusha.
Lokho kuqubule ukungezwani ngaphakathi ebandleni. Kulapho okwavela khona ukuthi umndeni wakhe wawusephezu kwezinhlelo zokwakhiwa kwendlu ayezohlala kuyona emakhaya.
ILANGA lafika kwaDludla, eMelmoth, laxoxa nezakhamizi, iningi lazo laveza ukuthi kalimazi uDludla endaweni ngoba akahlalanga khona isikhathi eside. Abaningi bathi babemuzwa eshumayela emsakazweni uKhozi FM, kuthiwa udabuka khona eMelmoth.
Leli phephandaba labuye lathola ukuthi uDludla wathatha isinqumo sokuphila impilo yakhe yedwa – akanayo ingane futhi akazange ashadelwe.
“UDludla wakhulela lapha eMelmoth elusa, kwakufuyiwe kubo. Waphuma walibhekisa eThekwini njengabo bonke abafana. Wayevele ekholwa. Ekufikeni kwakhe eThekwini waba ngumshumayeli wezwi likaNkulunkulu owaziwayo.
“Sezwa kuthiwa usehambela ngisho emazweni aphesheya kwezilwandle eshumayela. Kwakusithokozisa ukuthi nathi sinomuntu ohambela amazwe. Nokho-ke sasingajabule ngesenzo sakhe sokungaganwa futhi nabazali bakhe babengakuthandi lokho,” kusho isakhamuzi esidala saseMelmoth.
Kuningi okuhle okwenziwe ngumufi. Lokhu kufakazelwe yimiyalezo nezitatimende ezikhishwe ngabemikhakha eyehlukene ngemuva kokusabalala kwemibiko yokudlula kwakhe emhlabeni.
Phakathi kwaleyo mikhakha kubalwa nehhovisi likaNdunankulu KwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli. Amaqembu ezombusazwe okubalwa kuwona i-ANC ne-IFP akhiphe izitatimende ezinamagama enduduzo. Elinye igalelo likaDludla ngelokuba ngusihlalo wesikole Inanda Seminary, iminyaka eminingi.







