Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuxabene ubendle kuMasemola noSibiya

Kuxabene ubendle kuMasemola noSibiya

by | 27 August 2025

NGUKHOMISHANA wamaPhoyisa kuzwelonke uGen Fannie Masemola (okwesokudla) nephini lakhe uLt-Gen Shadrack Sibiya.

KUXABENE ubendle kosigaxamabhande bamaphoyisa – uKhomishana wamaPhoyisa kuZwelonke, uGeneral Fannie Masemola, nePhini lakhe uLt-Gen Shadrack Sibiya.

Kuthiwa ingxabano isuwe wukuhlakazwa kophiko oluphenya ngokubulawa kosopolitiki, olwaluzinze KwaZulu-Natal. UMasemola, esitatimendeni sakhe, uthi wathola umyalelo kuNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe, uMnu Senzo Mchunu, wokuthi makahlakaze lolu phiko, ngomhla ka-6 kuMasingana (January), kodwa akazange ayenze leyo nto.

UMasemola uthi wamyalela uSibiya ukuthi makangaluhlakazi lolu phiko, kodwa yena waqhubeka waluhlakaza. ULt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi, onguMkhuzi wamaPhoyisa eKZN, esithangamini sabezindaba ayesibize eThekwini ngoNtulikazi (July), wathi lolu phiko lwahlakzwa ngoba lwalusezithendeni zosopolitiki abathile abasolwa ngenkohlakalo.

UMasemola, ekuqaleni kwale nyanga uyalele uSibiya ukuthi makahlale ekhaya, ngoba usaphenywa. USibiya waphendula wathi ufuna ukuphenywa yikhomishana yomthetho (Judicial Commission), hhayi “abaphenyi basehlathini”.

NgoLwesibili abaMeli bakaSibiya bebeseNkantolo eNkulu yasePretoria, beyophosela inselelo ukumiswa kwakhe emsebenzini. Ngomhla ka-20 kuNcwaba (August) uSibiya wafaka amaphepha enkantolo, ethi kayilandelwanga imigudu efanele ngesikhathi emiswa emsebenzini.

Uthe udaba lwakhe njengoba selusenkantolo, ufuna lulalelwe yithimba lamaJaji liphelele (full bench). USibiya usamile ekutheni umsulwa ngakho usafuna ukubuyela emsebenzini, aqhubeke nomsebenzi wakhe. Namuhla ngoLwesithathu, uMasemola ubekhuluma kwi-27th Interpol Conference, ebise Cape Town.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...