Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuxabene ubendle kuMasemola noSibiya

Kuxabene ubendle kuMasemola noSibiya

by | 27 August 2025

NGUKHOMISHANA wamaPhoyisa kuzwelonke uGen Fannie Masemola (okwesokudla) nephini lakhe uLt-Gen Shadrack Sibiya.

KUXABENE ubendle kosigaxamabhande bamaphoyisa – uKhomishana wamaPhoyisa kuZwelonke, uGeneral Fannie Masemola, nePhini lakhe uLt-Gen Shadrack Sibiya.

Kuthiwa ingxabano isuwe wukuhlakazwa kophiko oluphenya ngokubulawa kosopolitiki, olwaluzinze KwaZulu-Natal. UMasemola, esitatimendeni sakhe, uthi wathola umyalelo kuNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe, uMnu Senzo Mchunu, wokuthi makahlakaze lolu phiko, ngomhla ka-6 kuMasingana (January), kodwa akazange ayenze leyo nto.

UMasemola uthi wamyalela uSibiya ukuthi makangaluhlakazi lolu phiko, kodwa yena waqhubeka waluhlakaza. ULt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi, onguMkhuzi wamaPhoyisa eKZN, esithangamini sabezindaba ayesibize eThekwini ngoNtulikazi (July), wathi lolu phiko lwahlakzwa ngoba lwalusezithendeni zosopolitiki abathile abasolwa ngenkohlakalo.

UMasemola, ekuqaleni kwale nyanga uyalele uSibiya ukuthi makahlale ekhaya, ngoba usaphenywa. USibiya waphendula wathi ufuna ukuphenywa yikhomishana yomthetho (Judicial Commission), hhayi “abaphenyi basehlathini”.

NgoLwesibili abaMeli bakaSibiya bebeseNkantolo eNkulu yasePretoria, beyophosela inselelo ukumiswa kwakhe emsebenzini. Ngomhla ka-20 kuNcwaba (August) uSibiya wafaka amaphepha enkantolo, ethi kayilandelwanga imigudu efanele ngesikhathi emiswa emsebenzini.

Uthe udaba lwakhe njengoba selusenkantolo, ufuna lulalelwe yithimba lamaJaji liphelele (full bench). USibiya usamile ekutheni umsulwa ngakho usafuna ukubuyela emsebenzini, aqhubeke nomsebenzi wakhe. Namuhla ngoLwesithathu, uMasemola ubekhuluma kwi-27th Interpol Conference, ebise Cape Town.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...