Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuxathuke idolobha iBallito kuteleka izisebenzi zikamasipala

Kuxathuke idolobha iBallito kuteleka izisebenzi zikamasipala

by | 2 July 2025

Usaphazwe kanjena udoti ngaphandle kwamahhovisi kaMasipala waKwaDukuza njengoba kuqhubeka isiteleka sezisebenzi zawo ezingamalungu eSamwu. | ISITHOMBE SITHUNYELWE


KUSAPHAZEKE imfucuza ngaphandle kwamahhovisi kaMasipala waKwaDukuza aseBallito, kulandela isiteleka senyunyana iSouth African Municipal Workers Unon (Samwu), esiqale ngoMsombuluko.

IBallito, ngelinye lamadolobha athuthuka ngesivinini KwaZulu-Natal, futhi lidume ngokuheha izivakashi ngoba ligudle olwadle, futhi lihlanzekile.

Amalungu eSamwu akhala ngokungakhokhelwa imali yomsebenzi wamahora ngeziwe (over time), ukungakhushulelwa ezikhundleni, nokuthi abaphathi kabazigcini izivumelwano okwafinyelelwa kuzo ngesikhathi kunezingxoxo.

UMnu Deon Viljoen, weDolphin Coast Residents and Ratepayers Association, uthi ukungcola okudalwe yile mibhikisho, kubeka impilo yabantu engcupheni ngoba kuyanuka, futhi kungadala izifo.

Abantu abathenga izindawo eBallito, ngabavela kwamanye amazwe nakwezinye izifundazwe. UMnu Sifiso Zulu, okhulumela uMasipala waKwaDukuza, uthi balutholile uhlu lwezikhalazo oluvela kwiSamwu, wathi basalucubungula.


“Siyayinxusa ISamwu ukuthi ize izokhuluma nathi siwumasipala. Siyafisa ukuthi kutholakale isixazululo, impilo iqhubeke, ngoba mkhulu umonakalo osudalekile selokhu lesi siteleka siqalile,” esho.


Nasedolobheni KwaDukuza, eShakaskraal, naseSalt Rock, amalungu eSamwu awakwazanga ukuqoqa udoti obekwa emgwaqeni, njengoba izimoto ezithutha udoti bezipakiwe, kungasetshenzwa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...