Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Zikhuza ibuya emculweni Izingane Zoma

Zikhuza ibuya emculweni Izingane Zoma

by | 6 December 2025

LIBONE ukubaluleka kokubambisana nabaculi bakule minyaka yamanje, iqembu elidala endimeni kamaskandi, Izingane Zoma, ukuze lidonse intsha yakulesi sikhathi ethanda uhlobo lwabaculi beminye imikhakha yomculo.

Lokhu kuvezwe ngumsunguli weZingane Zoma, uShobeni Khuzwayo, njengoba leli qembu likhiphe i-lbhamu
entsha esihloko esithi, “INtshebe nokaManana”. Leli qembu lisebenzisane noLwah Ndlunkulu, opikwe engomeni ethi, “Ishende”.

UShobeni uthi njengoba Izingane Zoma sezineminyaka engaphezulu kuka-30 ziyibambile kumaskandi, ubone kukuhle ukuba bashintshe ukwenza, basondeze umculi osondele kakhulu ezinhliziyweni zentsha njengamanje.

“Isikhathi esiphila kusona kasisefani nesakudala. Lokho okusho ukuthi masishintshe ukwenza ukuze singaphumi ebantwini, sihambisane nokwenzeka ezikhathini esesiphila kuzona,” kusho uShobeni.

Uthe babonga kakhulu uBig Zulu weNkabi Records, ngokuvuma neciko lakhe uLwah. Utshele ILANGA ukuthi ukusebenzisana kwabo kuzothela izithelo ezinhle kakhulu, ngoba ulimi abalusebenzisile njengamaciko amadala, ngolwakudala bese uLwah, anonge ngolwesimanje.

“Sidonse uLwah, samsondeza eduze ngoba uyingane egadle kwezwakala kwezomculo, futhi siyakholelwa ekhonweni lakhe. Siyabadinga abantu abasha ukuba bangaqheli emculweni wethu nakuba sesibadala, ngoba kuningi esidlule kukhona okusafanele sikutshale entsheni uma sibambisana nayo.

“Ngakho-ke uma sicula nabantu abasha, abathandwa yintsha, kwenza kube lula ukudlulisa imiyalezo yokwakha isizwe ngoba sekukaningi sihuzuka,” esho.

Leli qembu lidlulisa amazwi okudabuka ngengoma ngokulahlekelwa endimeni kamaskandi nguNtshebe Khuzwayo, obegqame ngokudlala isigingci, egqabashiya esiteji, efana nobuso baleli qembu, noDumisile “kaManana” Mthalane weMithente, bobabili laba abashone kulo nyaka.

Izingane Zoma zithi zibonga abalandeli bomculo abaziqinise idolo ezimweni zobunzima.

“Sibonga bonke abantu abasiduduzile, silahlekelwe yigagu lethu (Ntshebe). Sivukile, satotoba, sayokwenza umculo ozojabulisa abantu,” esho.

Izingane Zoma zikhuza ibuya njengoba nyakenye zingakhiphanga ngenxa yezimpi zemindeni ebezenzeka kwaNgqulu, eQhudeni, kwesakwaSithole. Lokho kwenze ukuba umphakathi wakule ndawo uhlale manzonzwane, ugade impilo yawo, ungasakwazi ukukhululeka. Le mpi idlule nemiphefumulo yabantu.

Umculo omusha weZingane Zoma usuyatholakala ezitolo ezithengisa online.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...