Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 UGatsheni nomnikelo wokubonga iNkosi Yamagcokama

UGatsheni nomnikelo wokubonga iNkosi Yamagcokama

by | 5 September 2026

NGUSCEBI “iNkosi Yamagcokama” ongasekho.

SESINIKELE ngomholo waso weMpucuzeko Maskandi Festival, isilomo salo mculo wesintu, uKhuzani “Gatsheni” Ndlovu, ukuze kuqedelwe ukwakhiwa kwendlu kaScebi “iNkosi Yamagcokama” Dlamini (ongasekho), obedabuka KwaDungamazi, eMachunwini, eMsinga.

Kwenzeka lokhu nje, noKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose, wanikela ngowakhe weMpucuzeko.

UGatsheni uthe uhlonipha ukusebenzisana kwakhe neNkosi Yamagcokama ngesikhathi isaphila. Uveze ukuthi njengoba ezokwenza iGatsheni Music Festival, ngomhla ka-3 ku-October, eNcotshane, oPhongolo ngenyanga ezayo, nemali yalo mculo uzoyinikeza iqembu layo iNkosi Yamagcokama.

“Ngesikhathi isaphila iNkosi Yamagcokama besisebenzisana kahle nayo, siphekisana emicimbini ngiya kweyakhe, eza kweyami, singakhokhelani.

“Kulo nyaka ngizokwenza okwehlukile, ngizoyikhokha imali ukuze abafowethu abasebenza naye, kube khona abakuhlomulayo, nokuzohanjiswa emndenini kuqedelwe isakhiwo somuzi,” kusho uGatsheni.

Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi ingoma abayenze neNkosi Yamagcokama ethi, “Singamabhinca” ngaphansi kwe-albhamu yakhe uGatsheni, yiyona ephakamile, wavela ngayo.

“Ngenxa yenoni esilenze ngokuhlanganyela, lathandwa kakhulu, okuyilapho sifukuleke khona sobabili, sagqama endimeni kamaskandi.

“Kungaba yiphutha uma ngikushalazela lokho, ngingabuyiseli emndenini uma sekunenkinga efana nalena eyenzekile, yokushona komfowethu ebesiyibambe naye,” kusho uGatsheni.

Uhlelo lokunikelelwa komuzi weNkosi Yamagcokama, lwesekwe nguNgqongqoshe wezaMasiko nobuCiko KwaZulu-Natal, uMnu Mntomuhle Khawula. Ungqongqoshe uthe naye enganikela ngokuqasha iThe Playhouse Theater, eThekwini, bese abaculi behlela ikhonsathi okuzongenwa kuyona ngemali. Uthe le mali iyohanjiswa emndenini weNkosi Yamagcokama.

“Ngingayiqasha indawo ne-band yezinsimbi, bese abaculi benxenxa abalandeli babo ukuze beze, kungenwe ngemali. Lena yindlela yokuqoqa umnikelo kubanjiswane,” kusho uKhawula.

Kuboshelwe Ofishibakhulu, uMnyovu, uKhuzani, uJaivazimnike, uNjabulo Langa, uDumakahle, uMdumazi, uMthandeni SK, uMzukulu, uBobo uMfana wePiki, uZanefa Ngidi, uFalabo, uNjoko nabanye.

Amathikithi adayisa ePick ‘n pay, eTickets Pro, eSpar, eShoprite nase-webtickets, ngo-R100.

Ezisematheni

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...

Inkantolo inqume kumiswe ukuboshwa kukaGetsemane

Inkantolo inqume kumiswe ukuboshwa kukaGetsemane

INKANTOLO eNkulu yaseThekwini isinqume ukuthi kumiswe ukuboshwa kwesikhulu samatekisi, uMnu Siyabonga Thomas Getsemane, njengoba ebephonsele inselelo incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe. UGetsemane onguSihlalo weNanda Taxi Owners Association ubefake enkantolo isicelo...