
UQHAKAMBISE uTira noMaphorisa njengabantu okungaba yibona kuphela abangamenza angene e-studio, aqophe ingoma uKhanyi Mbau (osesithombeni) obonakale esiteshini iSABC 2, ohlelweni lomculo iThe Masked Singer SA ngoMgqibelo, lapho ephume khona kowamanqamu.
UKhanyi umangaze abaningi kulolu hlelo njengoba ebecula ezifihlile, kwaze kwaba ufinyelela kowamanqamu. Kulolu hlelo uKhanyi ubezifihle nge-mask yamaChop Stick, kanti umangaze amajaji alo okunguSomizi Mhlongo, uSkhumba Hlophe, uSithelo Shozi noJ Something abelokhu eqagela ukuthi nguyena, kodwa engenaso isiqiniseko. Kulolu hlelo kunqobe uBontle Modiselle.
UKhanyi utshele ILANGA ukuthi nakuba enganqobanga, kodwa uzizwa ejabule ngokuthi ngokokuqala empilweni, ukwazile ukuthi ajajwe ngekhono lakhe ngaphandle kokuthi kubhekwe impilo ayiphilayo. Uthe ukuba kulolu hlelo kubuyise ukuzethemba ngekhono lakhe lokucula. Uthe nakuba kunjalo, mancane amathuba okuthi angabonakala ecula futhi.
Kuzokhumbuleka ukuthi ikhona ingoma uKhanyi ake ayikhipha phambilini, kodwa yangenza kahle. Uthe uma kwenzeka ebonakala ecula, nguTira noMaphorisa kuphela abangamgoba uphondo, agcine engene e-studio.
“Ngiyabahlonipha bobabili uTira noMaphorisa, ngakho ngeke ngingabaze uma bengakhuluma nami. Ngaphandle kwabo, angiziboni ngiphinde ngicula,” kusho uKhanyi.
Uthe ukuthatha ikhefu lokuzithola kulo mkhakha kumsizile kakhulu ngoba ukwazile ukuthi ayozinza eDubai, aphile futhi enze okuthandwa yinhliziyo yakhe ngaphandle kwengcindezi yabantu. Uthe kuningi osekukhulunyiwe ngaye phambilini, kanti uyazigqaja ngokuthi akukho nokukodwa okuke kwamthena amandla, noma kwamenza wazingabaza.
“Ngenza okuthandwa yimina ngesikhathi sami, ngakho izinkulumo zabantu zifana nokuthela amanzi emhlane wedada. Ngiyabahlonipha abantu abaqhamuka nemibono emihle ngami, futhi abazihloniphayo nezinqumo zami, kodwa ngeke ngiphilele ukujabulisa abantu ngibe ngizilimaza mina emphefumulweni,” kusho uKhanyi.
Uthe ukubonakala kulolu hlelo kusho ukubuya kwakhe ngokugcwele emkhakheni wezikaqedisizungu.
“Engingakuveza wukuthi ifilimu iMeet The Khumalos, ikhuza ibuya kwiNetflix, abantu basazongibona kuyona. Ikhona futhi neminye imidlalo esengiphothulile izingxoxo nayo, osekusele ukuthi izinkampani eziyiqophayo zimemezele ngokusemthethweni. Ngeshwa ngeke ngikwazi ukuzihambela phambili njengoba ngisayine izivumelwano zokuhlonipha izinqumo zazo.”







