Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuyalwe amadoda ukuba abe qotho

Kuyalwe amadoda ukuba abe qotho

by | 24 June 2025

YINGXENYE yamadoda abevela emikhakheni eyehlukene engqungqutheleni yawo ebibanjelwe eNkomeni, eNgwavuma, ngoMgqibelo.


AYALWE ngokubaluleka kokwethembeka emakhaya awo, emphakathini nasemabandleni akhonza kuwona amadoda engqungqutheleni yawo ebibanjelwe eDamaseku Christian Centre, eNkomeni, eNgwavuma, ngoMgqibelo.

Abaholi bemikhakha eyahlukene, ikakhulukazi abezenkolo, bebeshiyelana inkundla kulo mbuthano, obekukhona kuwo abesilisa iningi labo eselilungele ukuganwa. UMphostoli Lindizwe Msimang uthe injongo enkulu yokuhlanganisa abesilisa bekuwukuyobakhumbuza ngezifiso zikaNkulunkulu ngokudalwa kwabo.

“Lapha kuzokwakhiwa indoda. Sifuna ukuthi inkolo iqhutshwe ngamadoda aqotho. Indoda kufanele ibe yisibonelo esihle kusukela ekhaya kudlulele ebandleni ekhonza kulona, kanjalo nasemphakathini,” kusho uMsimang.


UMfu Samuel Nhlabatsi, ongowokudabuka eSwazini, ozinze kuleli ngokuthunywa yibandla aliholayo iVangelical Church, uyale amadoda ngokwenkolo.

“Indoda kufanele ibe ngethembekile – ithembeke kumkayo, ithembeke ezinganeni zayo. Indoda kufanele ithembeke ngisho nangokomnikelo wayo ebandleni ekhonza kulona, nangokweshumi. Ziningi izithelo zokwesaba nokuthembeka kuNkulunkulu. Sinalo ithemba lokuthi ukuhlangana ngalolu hlobo kuzothela izithelo ezinhle ngisho nakubaholi bamabandla,” kuyala uNhlabatsi.

Omunye wabaholi abangene esiteji kwachwaza inkundla nguMphostoli Wonder Myeni, ongumsunguli we-Emmanuel Zoe Ministry, okhuthaze abesilisa ukuba bahlale ngokuzihlola ubudlelwano babo noNkulunkulu.

“Indoda iyanamathela ezimisweni emiselwe ukuba ihambe kuzona, kayigudluki. Kulabo abasazongena emishadweni nabantu besifazane kufanele bayazi into abayingenelayo futhi bahlale ngokukhuleka,” kuphetha uMyeni.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...