Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Owe-IFP uncome othisha nesigungu sabazali ngemiphumela emihle

Owe-IFP uncome othisha nesigungu sabazali ngemiphumela emihle

by | 16 January 2025

USIHLALO we-IFP Youth Brigade kuzwelonke, uMnu Sanele Zondo, nophinde abe yilungu le-HigherEducation Portfolio Committee, ePhalamende, uhambele izikole ezimbili ngoLwesithathu njengoba bekuvulwa izikole.

Uhambele eSiphosabadletshe naseCwakeme High School. 

Ukuvakasehla kwakhe lezi zikole ubeyoqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle futhi zivulwe ngaphandle kwezinxushunxushu.

Ngesikhathi ehambele kuzoba uhalalelisele abafundi abenze kahle, uthishomkhulu kanjalo nesigungu sabazali baso athe sineqhaza elibalulekile ekuqinisekiseni ukuthi isikole senza kahle.

Uthe kumele baziqheye ngemiphumela abayitholile wathi ukusebenza kwabo ngokuzikhandla kunomthelela omkhulu ukuthi isiFunda, uMkhanyakuze senze kahle kakhulu esifundazweni kanjalo nakuzwelonke.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...