Ilanga News
Home 9 Imibono 9 Kuyisinyathelo esifanele ukuhlonishwa kukaShenge wuhulumeni waseKZN

Kuyisinyathelo esifanele ukuhlonishwa kukaShenge wuhulumeni waseKZN

by | 3 September 2025

WENZE okufanele uhulumeni waKwaZulu-Natal ngokuhlonipha uMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi, ngomsebenzi wokwenza indawo okunedlinza likaShenge kuyo, ibe yindawo egcine umlando namagugu esifundazweni.

Ujule kakhulu umlando kaMntwana waKwa-Phindangene, ozalwa yiNkosi uMathole Buthelezi kaTshanibezwe, benoMntwana uMagogo kaDinuzulu. Kusemqoka ukuba umlando waleli qhawe ulondolozwe ukuze ubonwe, futhi waziwe yizizu-kulwane zezizukulwane.

Ngakho-ke kube yisinqumo esiphusile ukuba indawo lapho elele kho-na okaMathole yenziwe indawo yomlando evikelekile, egcine amagugu esizwe. Noma ngabe siyamthanda noma kasimthandi uShenge, kodwa iqiniso okungelula ukulibalekela wukuthi ubengumuntu okhethekile. Ubengesiyena nje umuntu ojwayelekile, futhi akusophinde abekhona onjengaye. Ubengumholi onesiphiwo esimangalisayo sokwenza izinto zenzeke.

Ekuphileni kwakhe emhlabeni wenze imisebenzi ebabazekayo esingayibala kushone ilanga. Ubeneqhaza elikhulu emikhakheni ehlukene esi-ngabala kuyo owezepolitiki, owezemvelo, nakwezamasiko. Siyazi-ke ukuthi bakhona abahlale bembeka amabala, kodwa umuntu ongesona isiwula uyazi ukuthi akukho soka lingenasici.

Kukhona konke akwenza uMntwana, ngubani nje ongaphika umsebenzi wakhe oqavile wokusungula iNyuvesi yezoBuchwepheshe iMangosuthu, eseMlazi, eThekwini, phambilini eyayibizwa ngeMangosuthu Technikon. Isikhungo esihlinzeka ngosizo lwemali, iThala Development Finance Corporation (IDFC) elazala ibhange iThala, siwumsebenzi kaShenge – nguyena owasisungulayo.

Idolobha lasoNdini liwumsebenzi wakhe uMntwana waKwaPhinda-ngene – lakhiwa nguye. Nanamhlanje ubuKhosi baKwaZulu busekhona futhi buhlonishwa umhlaba wonke – uMntwana usebenze kwaze kwafika izinsuku zakhe zokugcina zokuphila emhlabeni, esebenzela ukuvikelwa kobukhosi nesizwe saKwaZulu.

Ubusebenzele ngokuzikhandla ubukhosi baKwaZulu iminyaka ewu-69 enguNdunankulu wesizwe ngaphansi kwamakhosi aKwaZulu ehlukene. Kwezepolitiki uMntwana waba neqhaza ekulweni nengcindezelo yabamnyama – walwela ukuba bakhululwe kuhulumeni wobandlululo.

Ngo-1975 wasungula iNkatha Freedom Party (IFP), waba ngumengameli wayo kwaze kwaba wu-1999. Waba nguNdunankulu kuhulumeni waKwaZulu kusukela ngo-1977 kuya ku-1994. Wake waba ngungqongqoshe wezaseKhaya ngaphansi kukahulumeni owawuholwa nguMnu Nelson Mandela. Wake wabamba isikhundla sokwengamela izwe izikhathi eziningana. Futhi usebenze isikhathi eside eyilungu lePhalamende.

Miningi kakhulu neminye imisebenzi esingathemeleza ngayo, siyibale singaqedi. Ngakho-ke siwethulela isigqoko uhulumeni waKwaZulu-Natal, oholwa nguNdunankulu uMnu Thami Ntuli. Kumele iqhakanjiswe le ndawo ezogcina umlando ngoShenge ukuze izokwazeka ukuthi ikhona, nezivakashi ziyibone ukuze zincele ulwazi ngomlando onothile wakhe.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...