Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuzoba ‘nomthelela omubi’ eNingizimu Afrika ukuhlaselwa kwe-Iran

Kuzoba ‘nomthelela omubi’ eNingizimu Afrika ukuhlaselwa kwe-Iran

by | 3 March 2026


UDOKOTELA Sanele Gumede, ofundisa ezomnotho e-University of KwaZulu-Natal, uthi ukuhlasela kweMelika nela-kwa-Israyeli, izwe lase-Iran, kuzo-thwalisa nabantu baseNingizimu Afrika kanzima. Uthi izinto ezifana nophethiloli, u-oyela, nokudla, intengo yakho izokwenyuka.


“Izimpahla ezitolo zilethwa ngama-truck, asebenzisa uphethiloli nodizili, ukwenyuka kwentengo yawo, kusho ukwenyuka kwazo zonke izinto ezilethwa ezitolo.
“Ukuxega komnotho okuzodaleka uma le mpi yaseMiddle East iqhubeka, kungaholela ekutheni abantu balahlekelwe yimisebenzi.


“Kade sisanda kujatshuliswa wukuthi irandi liyasimama, kodwa amandla alo azokwehla ngoba kalukho uzinzo eMiddle East.
“Abaholi bethu eNingizimu Afrika, mabangagcini ngokugxeka ukuhlaselwa kwe-Iran, kodwa mabaqhamuke nomkhombandlela,” kuhlaziya uDkt Gumede.
Sekuqubule ukwesaba nokuthi lokhu sekungaba wukuqala kwe-mpi yomhlaba.Kulokhu kuhlase-lwa kwe-Iran, kubulawe nomholi wayo, u-Ayatolah Ali-Khamenei.


Lokhu kuhlasela okwenzeke ngoMgqibelo ebusuku, kunyakazi-se umhlaba, yize bekuyinto ebili-ndelwe selokhu iMelika ibuyisele uMnu Donald Trump, esikhundleni sokuba ngumengameli.
Izinhlaka i-United Nations, ne-African Union, seziphefumulile, zithi mazibekwe phansi izikhali.
Ngemuva kokuhlasela kwango-Mgqibelo, abase-Iran bathi basa-hlonza izikhungo zaseMelika eziseMiddle East, abazogasela kuzona.


Okhulumela uMnyango wezobuDlelwano namaZwe oMhlaba, uMnu Clayton Monyela, uthi akekho umuntu wakuleli zwe obulelwe ngesikhathi kuhlaselwa.
“Kuze kube manje kasikatholi ukuthi kukhona owaseNingi-zimu Afrika obulelwe, kodwa sisiqaphile isimo.
“Okuyishwa wukuthi ngeke sikwazi ukukhipha abantu lapho kuliwa khona,” kusho
uMonyela. Kawekho amabhanoyi aphumayo nangenayo eMiddele East, kanti ukuha-mba kwama-bhanoyi kupha-zamisekile
naseNingizimu Afrika, selokhu kuqale lokhu kuhlasela.

menzi.jele@ila-nganews.co.za

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...