Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uzohanjelwa ngundunankulu umngcwabo wengoduso ebulawe nguthisha, wazilengisa

Uzohanjelwa ngundunankulu umngcwabo wengoduso ebulawe nguthisha, wazilengisa

by | 22 December 2024

Isesematheni indaba kaSibusiso Ntaka (okwesokudla) ogwaze wabulala uNkz Ntobeko Cele, maqede waqopha i-video echaza ngesenzo sakhe kuFacebook. USibusiso ugcine ngokuzilengisa.

BAZOFIHLWA kuleli sonto eliqalayo uMnu Sibusiso Ntaka nobeyingoduso yakhe, uNkz Ntobeko Cele.

Laba ababili babe sematheni kuleli sonto ngemuva kokuba ngoLwesibili uSibusiso efake i-video kuFacebook,  echaza okwenze wathatha isinqumo sokubulala uNkz Cele, ngoba ethi ubengathembekile kuyena, ngaphambi kokuzilengisa naye.

“Nizothi nginesihluku? Ngisebenze kanzima empilweni yami ngizama ukujabulisa umuntu wesifazane. Ngisebenze kanzima, ngalahlekelwa okuningi, imali eningi kodwa wazala ingane ekungeyona eyami kodwa ngayodla, wakhathala imina wangala, ngavuma.

“Ngathola omunye umuntu, naye wathola omunye, wangicenga, sabuyelana, ngaphambi kokuthi angixabanise nomuntu wami, ngaphambi kokungala ngoba esezophunyelwa imali yakwaRAF (Road Accident Fund). Nangu lana, nizothi nginesihluku,” kusho uSibusiso kule video, eveza nesidumbu sikaNz Cele sidindilizile emotweni.

Izolo ngoMgqibelo bekunenkonzo yesikhumbuzo sikaNkz Cele ehholo lakwaMakwa, kwaCele, eMzinto, lapho abangani bakhe bephumele obala okokuqala ngokuhlukunyezwa kwakhe nguSibusiso.

UNkz Cele uzofihlwa kubo kusasa ngomhla ka-23, kanti inkonzo yomgcabo wakhe kuthiwa izohanjelwa nanguNdunakulu wesifundazwe, uMnu Thami Ntuli.

USibusiso uzofihlwa ngomhla ka-28 kuyona le nyanga emathuneni akubo. Kuzokhumbuleka ukuthi uyise kaSibiusiso, uMnu Sipho Ntaka, wakuqinisekisa ukuthi konke okushiwo uSibusiso kwi-video bebekwazi bewumndeni, kodwa bengacabangi ukuthi kungaze kufike kulesi sigaba.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...