Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ufisa ukuyoxolisa oNyazini owe-video yodumo ‘echoma ngokuswenka’

Ufisa ukuyoxolisa oNyazini owe-video yodumo ‘echoma ngokuswenka’

by | 17 September 2025

UFISA ukuyoxolisa kumholi webandla lamaNazaretha, ohlangothini lwaseBuhleni, oluholwa yiNkosi uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe, owesifazane waseMangangeni, ePinetown, okusabalale i-video yakhe ezinkundleni zokuxhumana ‘echoma’ ngokuba ‘nguswenka ophila kahle’.  

UNkk Saneli Ngcobo, uMaShozi (43), okhonza ethempelini eKuvukeni (osesithombeni), ngeledlule kusabalale i-video yakhe ezinkundleni zokuxhuma egqoke izevatho zebandla, ethi uyaswenka, futhi bonke abesifazane basezindaweni ezizungeze iMariannhill, kabaluboni oludlalayo kuyena, yize engasebenzi.

Ngemuva kokusabalala kwale video, ILANGA limvakashele kubo uMaShozi, walibikela ukuthi uhlalele ovalweni, futhi ubona sengathi ufake ibandla ehlazweni engaqondile ngenxa yezinhlamba asethukwa ngazo ezinkundleni zokuxhuma. 

“Mina ngangishumayela enkonzweni yoMshanelo. Lena yinkonzo yomama eba ngoLwesine. Yenziwa uma kuzoba khona umcimbi emndenini othile. Kulokhu le nkonzo yayikwamakhelwane wami, kwaMyeza. Bebelungiselela ukubuyisa ubaba wekhaya. Engingakusho nje wukuthi akukhishwanga konke kule video, kodwa kucashunwe indawo ethile, ukuze kufezeke izinhloso zomuntu ohlose okubi ngami,” esho. 

Uthi yena wayebonga izingane zakwaMyeza ngokuba namandla okubuyisa uyise, yize zingasenabazali.  

“Ngangizama ukuveza ubukhulu bukaNkulunkulu uNyazi ukuthi noma ungelutho, akakulahli. Ngathi izingane mazihlale kulona uNyazi, luzozenzela okuhle. Ngibe sengenza isibonelo ngami, ngithi ngiyazihluphekela, anginalutho, kodwa ngeke ungibone uma ngiqhamuka, ngoba ngesekwe kakhulu ngomama bebandla, abafihla ihlazo lami. 

“Ngiqhubekile ngabala yonke inhlobo yosizo abanginika lona. Ngimangele sengibona sengithukwa ezinkundleni zokuxhumana. muntu owenze le nto, ukhombise enkulu inzondo ayibhekise kimina,” esho. 

Kuvela ukuthi uphinde wathukwa ngenhlamba eyihlazo ebandleni lakhe lamaNazaretha.

NGUNKK Saneli Ngcobo, uMaShozi (43).

“Inhliziyo yami ibuhlungu, ngibona sengathi ngifake ubaba uNyazi nebandla lonke laseBuhleni ehlazweni. Inhlamba engithukwe ngayo, yokuthi ngaqoma emendweni, kayivumelekile nhlobo ebandleni. Emendweni angikaze nangolulodwa usuku ngalandelwa yiphunga lokuqoma. Mina ngalahlwa yindoda. Ngashada ngimncane, ngineminyaka ewu-16,” kusho uMaShozi.

Ube esedlulisa ukuxolisa ebandleni naseNkosini uNyazi. 

“Ngiyaxolisa kakhulu kubaba uNyazilwezulu nebandla, bengingaqondile mina ukuchoma. Ngingachoma ngithi nginani? Mina ngangiveza ukuthi uNkulunkulu waseKuphakameni uNyazi uyafihlana, bengingahlosile ukudicilela phansi isithunzi sebadla.” 

Ubonge ukwesekwa ngomama basebandleni lakhe ILANGA  elimfice enabo. Abebandla lakhe bamchaze njengomuntu ozikhululekele, othanda amancoko, futhi oyihloniphayo inkolo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...