Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu Featured 9 Kuzodliwa ukotini emcimbini kaVusi Nova

Kuzodliwa ukotini emcimbini kaVusi Nova

by | 21 March 2025

ISILOMO somculi uVusi Nova sizobe senza ezibukwayo emcimbini waso ozobe use-Emperors Palace, eGoli mhla ka 1 May ozobe ubophele nangezinye izihlabani okubalwa kuzo uKelly Khumalo, uNathi Mankayi, uZuko SA, uKwanda ne-047.

Echaza ngalo mcimbi uVusi Nova uthe inhloso enkulu ukwenza umcimbi ongasoze wakhohlweka futhi obungaza amasiko nobuciko baseNingizimu Afrika. “Ngifuna ukwenza into yamehlo. Ngifuna abantu bazizwe bekhethekile, bagqoke kahle bathokozele umculo. Lo umgubho wamagugu, umculo namasiko,” esho.


Uthembisa ukuthi lo mgubho kuzoba owaminyaka yonke lapho abantu bezogqoka khona baconse. “Ngijabule kakhulu ukuthi ngizochitha isikhathi nabalandeli bami, ngiqale isiko elisha lokubungaza amagugu nomculo wethu,” esho.

Kwabanye babaculi azobe eshikisha nabo esiteji wenze izingoma nabo enoKelly Khumalo ethi Zungandithembi, enoZuko SA ethi Andikalibali,enoNathi Mankayi, i-047 noKwanda ethi Ndivumeleni.UMpho Popps noBrenda Ngxoli bazobe bephethe uhlelo lo mcimbi.

UVusi Nova uzenzele igama ngezingoma phakathi kwazo okubalwa iNdukuthandile, Asiphelelanga, Yibanathi, Thandiwe, I’d Rather Go Blind nezinye eziningi.

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...