Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Uhlose ukuvuselela umculo wesintu uMr Vee Sholo

Uhlose ukuvuselela umculo wesintu uMr Vee Sholo

by | 3 December 2025

INHLOSO wukugcina umculo wesintu uphila kuMr Vee Sholo, ozakhele udumo ngezingoma ezithandwa kakhulu emicimbini yesintu.

Le nsizwa ogama layo langempela nguVuyisani Sholwa, izalelwe eMdantsane, eEast London. Itshele ILANGA ukuthi nakuba isiphumelele emculweni, kepha bekungesiyo into ekade igxilile kuyona.

“Ngagqugquzelwa yiwele lami ngoba sasidinga imali yokurejista enyuvesi, ukuba ngingene emculweni. Ngemuva kwalokho angibange ngisabheka emuva,” isho.

UMr Vee Sholo waziwa kakhulu ngezingoma zakhe okubalwa kuzo ethi, “Kuyabongwa”, “Akalali”, “Ngamamenemene”, “Ndiliyokoyoko” nezinye. Uqale ecula i-gospel, wakhipha i-album ngo-2012 esihloko sithi, “Rejoice in the Lord”, kwalandela ethi, “UYesu Uyabuya” ngo-2016, lapho ayecula khona noButho Vuthela noBetusile Mcinga.

Uthi ngesikhathi ebona izinto zikhanya, kuvele kwafika isikhathi seCovid-19. Ngaleso sikhathi ubengaculi kuphela kepha ubesebenza njengoba eneziqu zeBSc in Audiology (Honours).

“Ngangisebenza ngokuzimela njenge-audiologist, kodwa kuthe uma kulahleka (kuntshontshwa) izinto zokusebenza, kwama nse yonke nto. Ngaqala ngawasha izimoto zabantu, bangikhokhele, kwaba umsebenzi engiwuthatha njengebhizinisi.

“Khona lapho ngazifundisa i-graphic design, ngenza amakhadi emicimbi. Elinye lamakilayenti lacela ukuba kufakwe ingoma yesintu ekhadini layo, kwaba wukungena kwami emculweni wesintu,” kulandisa uMr Vee.

Emculweni wakhe uthi uhlanganise igwijo (izingoma ezijwayele ukuculwa emicimbini) nomculo we-gospel.

“Izingoma ozizwa emgidini noma emshadweni esikhule ngazo, yizo lezi engiziculayo. Inhloso enkulu ngalo mculo wukuthi, ngisho kungabe uphesheya kwezilwandle, kodwa ungabulahli ubuwena, nesizukulwane esizayo singayilahli into esiyiyo,” kuqhuba yena.

Echaza ngengoma emenze wathandwa ezinkundleni zokuxhumana ethi, “Kuyabongwa”.

“Le yingoma endala yesiZulu eculwa emcimbini, mina ngase ngifaka le ngxenye ethi ‘Mntanami kuyabongwa’. Ngangigcwele ukubonga enhlizweni yami, uma ngibuka engidlule kukho. Ingeyokugqugquzela abantu ukuthi kumele ubonge, ngisho kungabe kuncane kangakanani.”

Nyakenye uqokwe kwiSong of the Year kuMhlobo Wenene FM, lapho ephume khona indawo yesithathu ngamavoti. Kuwo lowo nyaka unqobe kumaSouth African Traditional Music Awards (Satma), kwiBest IsiXhosa Artist neSong of the Year. Uphinde waqokwa futhi kwiSong of the Year ngengoma ethi, “Malume” kuMhlobo Wenene FM kulo nyaka.

UMr Vee Sholo uthi inhloso enkulu wukuvela kubantu ezifundazweni ezahlukene, njengoba esekuqaphelile ukuthi umculo wakhe uthokozelwa iNingizimu Afrika yonke.

Echaza ngengoma ethi “Malume”, uthe: “Inkulu indima edlalwa ngomalume kepha enganakiwe, ngikholwa wukuthi ayibekwa ezingeni elifanele indima yabo. Le ngoma ingeyokubonga bona, nabo bazazi ukuthi babalulekile.”

Le nsizwa ithi ngaphezu komculo, isibuyelile ekusebenzeni njengodokotela wezindlebe.

“Imali engiyithole ngicula igwijo, ikwaze ukungithengela izinto zokusebenza, ngabuyela emsebenzi. Ngabuyela nasesikoleni. Ngenza unyaka wesibili kwiBachelor in Music eNyuvesi yaseFort Hare,” kuphetha yona.

Ezisematheni

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ucacise ngokungaklonyeliswa koMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini wokuklomelisa izisebenzi zikahulumeni, iminyango, omasipala baseKZN, izinhlangano ezingayenzi inzuzo nosomabhizinisi...

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

LIZOVULWA ngomhla ka-1 no-2 wenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwezi (November). Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano eyengamele ezokhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ngempelasonto. Kuzokhumbuleka...

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

UMNDENI unxusa umphakathi nabezindaba ukuba bayeke ukusabalalisa izinsolo nemibiko engaqinisekisiwe ngokudlula emhlabeni kukaDkt Ntuthuko Mahlaba (osesithombeni), okuvela ukuthi ushayiswe yimoto ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi ezivaocavoca. Isitatimende somndeni...