
EMVA kokuphoswa imibuzo eqinile kwiMadlanga Commission kuka-Advocate Andrea Johnson oyinhloko ye-Independent Directorate Against Corruption (IDAC), ugcine ezivumele yena ukuthi uphiko lwakhe lwalungenalo ilungelo lokuphenya uLt General Dumisani Khumalo ecaleni lokuqasha emaphoyiseni okuthiwa aluhanjiswanga kahle.
Kuleli cala kusolwa uLt General Khumalo ukuthi waqasha ngokwenzelela.
U-Adv Johnson uyaqhubeka namuhla njengoba kunguLwesine ukwethula ubufakazi kwiMadlanga Commission osekungusuku lwesithathu efakaza.
Okunye aphinde akuvuma ukuthi uphiko olulwa namacala enkohlakalo emaphoyiseni akungamele lwamukele izikhalo kumalungu omphakathi njengoba kwenziwe ukuqinisa icala elibhekene noKhumalo.
Kuvele ukuthi okumfaka enkingeni uJohnson, ukusebenzisa incwadi efungelwe yelungu lePhalamende uFadiel Adams, okuthiwa lokho wakwenza ngaphandle kokulandela umyalelo we-IDAC ngoba esaba uNgqongqoshe wamaphoyisa omisiwe, uMnu Senzo Mchunu.
UMchunu kuthiwa wayekhiphe umyalelo wokuthi i-IDAC iphenye ngesikhalo sikaFadiel Adams sokuthi kunezikhulu zamaphoyisa ezigxambukela kwidokodo ecaleni alivule ngo-October 2024.
Kulokho uJohnson ugxekwe ngokuthi enze lolu phenyo engasilandelanga isigatshana somthetho wencwadi efungelwe uSection 27 ngaphansi kweNPA Act 32 ka-1998 okuyiwona olandelwayo ukufaka amacala ngaphansi kwe-IDAC.
Incwadi efungelwe ka-Adams yayifaka izinsolo zenkohlakalo ngokuqashwa kukaDineo Mokwele ukuba nguBregadier oPhikweni lweCrime Intelligent.
Lezi zinsolo yizona ezaholela ekutheni kuboshwe uLt General Dumisani Khumalo nezinye izikhulu emaphoyiseni ngoJune 2025 esikhumulweni samabhanoyi i-OR Tambo.
KwiKhomishini kuphinde kwavela ukuthi inhloko yabasebenzi (Chief of Staff) kaNgqongqoshe Mchunu, uMnu Mthokozisi Nkabinde uyena owabhalela i-IDAC emva kokuthola lesi sikhalo sika-Adams owayefuna kungenelele ungqongqoshe ngokugxambukela kwezikhulu zamaphoyisa ecaleni ayelivulile.
UNkabinde oseke wavela kwiMadlanga Commission, nguye lo okwavela ukuthi ubebuye apotshozele abezindaba okwenzeka ngaphakathi emaphoyiseni.
Encwadini ayeyibhalele i-IDAC kuthiwa wakuveza ukuthi ibalulekile njengoba kumele lolu phiko lubuyisele impendulo ku-Adams ngokuqhubekayo.
IMadlanga Commission ibifuna nokuzwa ezinye izinto ezaziqukethwe yileli dokodo lika-Adams kodwa uJohnson wanqaba ngelokuthi kunezinto ezibucayi ungqongqoshe Mchunu ayezibalulile kulona ngokuziphatha ngendlela engamukelekile kwezinye izikhulu zamaphoyisa.
NgokweMadlanga Commission leli dokodo lalingasho lutho njengoba kungavezwa okuningi okuqukethwe yilona.
IJaji uMadlanga, lithe uJohnson kwakumele ambhalele uNgqongqoshe uMchunu amazise ukuthi ngeke bakwazi ukuqhubeka nokuphenya lolu daba uma kungalandelwanga isigatshana somthetho uSection 27.
Kuphinde kwavela ukuthi uJohnson waphula umthetho ngokuthi aqhubeke nalolu phenyo ngoba esaba njengoba umthetho olawula indaba yophenyo lwalolu phiko ukuveza ukuthi kumele benze umsebenzi wabo ngaphandle kokusaba noma ukusatshiswa







