
SIZOLALELWA ngo-2 emini ngoLwesihlanu (Namuhla) kwiKhomishana kaMadlanga, isicelo sokuhlehliswa ukuvela kule khomishini sikasomabhizinisi waseNorth West, uMnu Suliman Carrim.
UCarrim bekulindeleke ukuthi avele kule khomishini namuhla njengoba agcina ukuvela kuyona ngo-April nonyaka.
Ufake isicelo sokuthi kuhlehliswe ukuvela kwakhe kuyona ekhala ngokungaphili njengoba kuthiwa uhlaselwe yisifo senhliziyo.
UCarrim ungomunye wosomabhizinisi ababandakanyeka kwithenda yezigidi yeMedicare 24 eTshwane District Police Service.
Isicelo sakhe sokuthi kulalelwe ubufakazi bakhe, sizobe sivulelekile njengoba sizolalelwa eBridgette Mabandla Justice College.
Ikhomishini kaMadlanga idonse ngendlebe ozobe ehola ubufakazi nethimba labameli baMnu Carrim ukuthi bangasidaluli isimo sokugula kwakhe nohlobo lokulashwa alutholayo ngesikhathi kudingidwa isicelo sakhe, kanjalo nethimba elimelaphayo.
Baphinde bayalelwa ukuthi bangakuvezi ukuthi uCarrim uhlala kuphi nalapho kukhona ibhizinisi lakhe.
UCarrim uyena lo somabhizinisi okwathi kumele avele kule khomishini ngo-April wafaka isicelo sokuthi angafakazi phambi kwamaCamera ekhala ngokuthi kukhona abasabisabisa ngokumbulala.
Isicelo sakhe sachithwa kwaphoqeleka ukuthi avele.
UCarrim oyilungu le-ANC, kuthiwa yize ekhala ngokungaphili kodwa uke wabonakala ezitolo ezihambela.







