Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuzonquma iJSC ngesigcawu sokuphenywa kukaMogoeng Mogoeng

Kuzonquma iJSC ngesigcawu sokuphenywa kukaMogoeng Mogoeng

by | 4 April 2025

KUZOCACISA iJuducial Service Commission (JSC) ngaphambi kokushona kwela namuhla ngesiphakamiso senhloko yamajaji akuleli, iJaji uMandisa Maya, sokuba kwenziwe isigcawu sokuphenya ngezinsolo zokungaziphathi kahle kwalowo owayeyinhloko yamajaji, eseyathatha umhlalaphansi, uMnu Mogoeng Mogoeng.

Lesi siphakamiso sikaNkk Maya silandela isikhalo esafakwa kwiJSC yilowo owayeyinhloko yamajaji eWestern Cape, owaxoshwa kwesobujaji, oseyiSekelamengameli weqembu uMkhonto Wesizwe Party, uDkt John Hlophe.

UHlophe usola uMogoeng ngokubamba umhlangalo oyifihlo naloyo wayeyisekela lakhe (uHlophe) iJaji uPatricia Goliath, emncenga ukuba ukuba avulele uHlophe icala kwiJSC, amsole ngokumhlukumeza nokumethuka.

Ngesikhathi iJaji uMaya lenza lesi siphakamiso, uMogoeng waveza ukuthi umhlangano wakhe noGoliath wawungeyona imfihlo futhi wayilandela yonke imigomo okwakumele ayilandele njengenhloko yamajaji ngaleso sikhathi.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...