Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuzonquma iJSC ngesigcawu sokuphenywa kukaMogoeng Mogoeng

Kuzonquma iJSC ngesigcawu sokuphenywa kukaMogoeng Mogoeng

by | 4 April 2025

KUZOCACISA iJuducial Service Commission (JSC) ngaphambi kokushona kwela namuhla ngesiphakamiso senhloko yamajaji akuleli, iJaji uMandisa Maya, sokuba kwenziwe isigcawu sokuphenya ngezinsolo zokungaziphathi kahle kwalowo owayeyinhloko yamajaji, eseyathatha umhlalaphansi, uMnu Mogoeng Mogoeng.

Lesi siphakamiso sikaNkk Maya silandela isikhalo esafakwa kwiJSC yilowo owayeyinhloko yamajaji eWestern Cape, owaxoshwa kwesobujaji, oseyiSekelamengameli weqembu uMkhonto Wesizwe Party, uDkt John Hlophe.

UHlophe usola uMogoeng ngokubamba umhlangalo oyifihlo naloyo wayeyisekela lakhe (uHlophe) iJaji uPatricia Goliath, emncenga ukuba ukuba avulele uHlophe icala kwiJSC, amsole ngokumhlukumeza nokumethuka.

Ngesikhathi iJaji uMaya lenza lesi siphakamiso, uMogoeng waveza ukuthi umhlangano wakhe noGoliath wawungeyona imfihlo futhi wayilandela yonke imigomo okwakumele ayilandele njengenhloko yamajaji ngaleso sikhathi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...