Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuzovulwa inxanxathela yezitolo eqanjwe ngoMntwana uMangosuthu

Kuzovulwa inxanxathela yezitolo eqanjwe ngoMntwana uMangosuthu

by | 23 April 2026

ITHE ncinci kamjoli iNkosi uZuzifa Buthelezi ngezindaba zokwethulwa kwenxanxathela yezitolo iPrince Buthelezi Mall
ezoba seMpangeni, okulindeleke ivulwe ngomhla ka 29 April. Igabe ngezitolo ezinkulu zokudla, ezokugqoka nokunye okuningi okudingwa ngumphakathi.
Ikhuluma neLANGA inkosi ithe: “Igcagcele esokeni lezi izindaba ezimnandi emndenini wakwaButhelezi. Ngisho ubaba inkosi la ikhona ijabule. Sizizwa sithobekile njengomndeni ukuthi igama likababa lilokhu likhona zikhathi zonke phakathi kwethu. I-Afrika yonke iyawazi amagalelo akhe. Sibonga kakhulu naku, Meya uNgwezi ngokuvela nalo mbono. Esikhathini esiphambili izwe belihlokoma kube nomsindo uma kuthiwa khona isakhiwo esizoqanjwa ngaye ubaba. Ngisho umgwaqo omkhulukazi eMlazi, uMangosuthu Highway, bekuthiwa igama lakhe alisuswe. Sekukhombisile manje ukuthi igama lakhe liyohlala likhona ingunaphakade. Nalapho ekhona ngicabanga ukuthi uzojabula ikakhulukazi ngoba le nxanxathela iza namathuba omsebenzi kubantu abasha,” kwenaba iNkosi uZuzifa.

Okhulumela uMhlathuze uMnu Simphiwe Makhanya ukuqinisekile ukuthi kunomcimbi wokuvulwa kwale nxanxathela eqale ukwakhiwa ngonyaka ka 2024. Uthi kulindeleke kuvuleleke amathuba abalelwa ku 2000 omsebenzi. Phakathi kwezitolo ezinkulu ezikhona singabala uShoprite, uBoxer nezinye eziningi. Izophinde ihehe abatshali zimali abasha.

Esithombeni inkosi uZizifa Buthelezi okulindeleke aba yingxenye yomcimbi wokuvulwa kwenxanxathela yezitolo eqanjwe ngoyise inkosi uMangosuthu.
Isithombe: John Hlongwa

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...