Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuzovulwa inxanxathela yezitolo eqanjwe ngoMntwana uMangosuthu

Kuzovulwa inxanxathela yezitolo eqanjwe ngoMntwana uMangosuthu

by | 23 April 2026

ITHE ncinci kamjoli iNkosi uZuzifa Buthelezi ngezindaba zokwethulwa kwenxanxathela yezitolo iPrince Buthelezi Mall
ezoba seMpangeni, okulindeleke ivulwe ngomhla ka 29 April. Igabe ngezitolo ezinkulu zokudla, ezokugqoka nokunye okuningi okudingwa ngumphakathi.
Ikhuluma neLANGA inkosi ithe: “Igcagcele esokeni lezi izindaba ezimnandi emndenini wakwaButhelezi. Ngisho ubaba inkosi la ikhona ijabule. Sizizwa sithobekile njengomndeni ukuthi igama likababa lilokhu likhona zikhathi zonke phakathi kwethu. I-Afrika yonke iyawazi amagalelo akhe. Sibonga kakhulu naku, Meya uNgwezi ngokuvela nalo mbono. Esikhathini esiphambili izwe belihlokoma kube nomsindo uma kuthiwa khona isakhiwo esizoqanjwa ngaye ubaba. Ngisho umgwaqo omkhulukazi eMlazi, uMangosuthu Highway, bekuthiwa igama lakhe alisuswe. Sekukhombisile manje ukuthi igama lakhe liyohlala likhona ingunaphakade. Nalapho ekhona ngicabanga ukuthi uzojabula ikakhulukazi ngoba le nxanxathela iza namathuba omsebenzi kubantu abasha,” kwenaba iNkosi uZuzifa.

Okhulumela uMhlathuze uMnu Simphiwe Makhanya ukuqinisekile ukuthi kunomcimbi wokuvulwa kwale nxanxathela eqale ukwakhiwa ngonyaka ka 2024. Uthi kulindeleke kuvuleleke amathuba abalelwa ku 2000 omsebenzi. Phakathi kwezitolo ezinkulu ezikhona singabala uShoprite, uBoxer nezinye eziningi. Izophinde ihehe abatshali zimali abasha.

Esithombeni inkosi uZizifa Buthelezi okulindeleke aba yingxenye yomcimbi wokuvulwa kwenxanxathela yezitolo eqanjwe ngoyise inkosi uMangosuthu.
Isithombe: John Hlongwa

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...