Ilanga News
Home 9 Imibono 9 Kwehlisa ukwethenjwa kumengameli ukushaywa ngeshoba lenkonkoni kwekaMadlanga

Kwehlisa ukwethenjwa kumengameli ukushaywa ngeshoba lenkonkoni kwekaMadlanga

by | 30 September 2025

Mhleli: Isikhundla sombuso komengameli baseNingizimu Afrika sengathi sesizofana nomuntu owakhe umuzi wakhe esishozini, lapho izulu lithanda njalo ukudlalela khona. Okungenza ngisho njalo, yizethulo ezivela kwiKhomishini yeJaji uMadlanga, ezimshaya ngeshoba lenkonkoni uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa.

Ebufakazini osebethuliwe, kuyavela ukuthi wabikelwa ngokuhlakazwa kwethimba elaliphenya amacala okubulawa kosopolitiki ngobengungqongqoshe wamaphoyisa osanikwe ikhefu, uMnu Senzo Mchunu. Ebufakazini bukaJenene Fannie Masemola, kuyavela ukuthi akasizakalanga emuva kokuthinta umengameli. Kuyasixaka lokho ngoba phela nguyena siqu umengameli, ongumsunguli wethimba eliyisipesheli, lamaphoyisa.

Awenzile umsebenzi oqondene nawo amaphoyisa, abikela umuntu abecabanga ukuthi usemandleni okushintsha isinqumo esigwenxa esabesithathwe nguMchunu. Okusishiya nemibuzo wukuthi, kwakuphuthunywani ukuhlakazwa kwaleli thimba, kuze kuqondane nesikhathi lapho uMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke uMasemola, esathathe ikhefu.

Okwenzekayo kubukeka kuzogcwalisela abahlale bekhala ngakho abanye, ikakhulukazi abaseqenjini likamengameli, abahamba izinkantolo, ukuthi abakuhulumeni besebenzisa izinhlaka zezomthetho ukulwa izimpi zabo zangaphakathi eqenjini. 

Kwazi wonke umuntu ukuthi sekwaba nezinkambu okuzekube nomthelela kosuke engumengameli uma sekumele aqoke azobafaka kwikhabhinethi, kumbe ezikhundleni.

Ukuphatheka kwegama likamengameli ukuthi ubikelwe ngesinqumo sikaMacingwane sokuhlakaza ithimba, kodwa wangathatha zinyathelo, wathalalisa ukuphendula uMasemola, kwenza angabukeki emsulwa ekunqindeni amandla omthetho.

Akwenzile umengameli, wuzidonsela amanzi ngomsele emaqenjini aphikisayo ePhalamende, angase aphakamise ukuthi kube nenkulumo-mpikiswano yokungabuthembi ubuholi bakhe, ikakhulukazi njengoba beshaya amakhala ngokunika kwakhe uMchunu ikhefu, okwenza kuholelwe ongqongqoshe ababili esikhundleni esisodwa, omunye ebe ehleli ekhaya.

URamaphosa angomboni eqeda ihlandla lakhe lesibili ngendlela igama lakhe eliphatheka ngayo kwiKhomishini kaMadlanga. Ngiyangabaza ukuthi bazokugoqela izandla ePhalamende, ukuphatheka kwegama nengxenye okuthiwa idlalwe ngumengameli kule nkunkuma yenkohlakalo. 

Sekusobala ukuthi kabakhaleli ubala abavamise ukukhala ngokusetshenziswa kwezinhlaka zikahulumeni budedengu, ukulwa izimpi zosopolitiki zangaphakathi emaqenjini. Angisayiphathi-ke eyokuthi kuthiwa bangene ngomkhono nangesiphanga ekusebenzisaneni nezigebengu ezingomacaphuna kusale.

Sekuyodela yena uMakhasane oyozibona zidudulana ePhalamende. IsiZulu sithi akukho okufihliwe okungayukuvela, kubonwe yizwe lonke. Yikhona lokho okungenza ngibona sengathi umengameli usefike ezimpambanweni zendlela, ngokwehluleka ukuthathela izinyathelo uMchunu.

Sipho Robert Mpungose, Eshowe

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...