
IZINKINGA zemali ezikhona emindenini nasemphakathini ziningi kakhulu, ngenxa yokushoda kwamathuba emisebenzi, isimo somnotho esingakasimami kahle nokunyuka kwezindleko zokuphila. Abantu abaningi sebezama izindlela ezisheshayo zokwenza imali okubalwa kuzona ukugembula nokuhweba ezimakethe zemali, ngethemba lokuthi kungenzeka bahlomule kangcono ngokushesha.
Izindlela zokugembula sezihlukene kaningi esikhathini samanje njengoba sekusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje – abanye bagembula ngemiphumela yemidlalo yebhola lezinyawo, abanye babheka imidlalo yebhanoyi njenge-aviator, dlalwa emafonini nezinye izindlela zobuchwepheshe bokugembula ezifana no-spin & win.
Inkinga iqala uma usudliwa, uphinde ufake enye imali ngethemba lokuthi kungenzeka uphumelele. Uma kungenzeki, uphinde ufake enye futhi ngemizamo yokubuyisa lena esuke isilahlekile, bese uzithola usulahlekelwa imali eningi kakhulu.
Kwesinye isikhathi abanye baze bangene ezikweletini ngenxa yezinkinga zokugembula, kokunye baze bathengise ngezinto zabo ezenani eliphezulu, ukuze baqhubeke nemizamo yabo. Abanye basagembula khona emakhasino ngokudlala imishini eyahlukene, kodwa ngaso sonke isikhathi, amathuba okudliwa ahlezi ephezulu.
Izinkampani zokugembula zigcwele wonke amakhona amadolobha nasemalokishini kanti nabantu abazibekile phansi ngemizamo yabo yokuthola inhlanhla. Ezinye zezizathu ezenza abantu bagembule kungaba wukubhoreka, okwenza umuntu azame ukuchitha isizungu ngokugembula. Injabulo etholakalayo uma uwina nayo yenza umuntu afune ukuqhubeka nokuzama futhi.
Abanye bagembula ngoba bethiba umqondo ukuthi ungagxili ezinkingeni abanazo ngaleso sikhathi. Ngokuhamba kwesikhathi, ukugembula kugcina sekuyingxenye yempilo yomuntu ngendlela yokuthi abanye bayehluleka ukuphila ngaphandle kwakho. Yonke imali abayitholayo bayisebenzisela ukugembula. Ngisho noma sebedliwe yonke imali ,bangena ezikweletini, badayise yonke impahla abanayo ukuze bezokwazi ukuthiba umuzwa wokugembula.
Baningi abantu abalahlekelwe yizinto eziningi empilweni ngenxa yokugaxela kulesi simo kodwa zikhona izikhungo ezisiza abantu ababhekene naso. Kubalulekile ukuthi umuntu obhekene nesifo sokugembula athole usizo, aphinde asekwe ngamalungu omndeni.
I-South African Responsible Gambling Foundation ingenye yezinhlangano eziwusizo kakhulu emphakathini futhi ngiyakhuthaza ukuthi ababhekene nalesi simo baxhumane nayo. Abanye bagembula ezimakethe zemali bebe bengenalo ulwazi, bezama nje inhlanhla, bese beyadliwa.
Ikhona le nto ekutshela ukuthi zama futhi ukuze ukwazi ukubuyisa imali esekulahlekele, kanti uzophinde ulahlekelwe futhi. Le nkinga ibukeka izoba yisifo esihlasela abaningi ngoba nezindawo nezinkundla zokugembula ziyanda usuku nosuku, kodwa uma ubona ukuthi udinga usizo, kumele usukume.
• USiboniso Mtshali ungusomabhizinisi ongumeluleki wemali osemthethweni (FSP49257), ogunyaziwe ukusiza abasezikweletini (NCRDC3326), ukudayiswa nokuthengisa imizi (FFC: 1197883) nokwakha izindlu (NHBRC3000286136).
Email: sboniso@sbonisomtshali.com. WhatsApp: 0782108384.






