Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umnyango ugculisekile ngamalungiselelo ezivivinyo zikaMatric

Umnyango ugculisekile ngamalungiselelo ezivivinyo zikaMatric

by | 7 October 2025

NGUNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli, noMnu Sipho Hlomuka owengamele uMnyango wezeMfundo esifundazweni.

UGCIZELELE ukubaluleka kokwethembeka nokuzihlonipha kubafundi nakothisha abazobe besondelene nokubhalwa kwezivivinyo zikamatikuletsheni uNgqongqoshe weMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka.

UHlomuka usho lokhu namuhla ngoLwesibili, ngesikhathi umnyango wakhe ngokubambisana noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, behambele lapho kugaywa khona amaphepha ezivivinyo (question papers) zikaMatric akulo nyaka.

UHlomuka uthe umnyango ugculisekile ngendlela amalungiselelo ezivivinyo ahamba ngayo esifundazweni.

“Asifuni ukuzwa kuthiwa kunezigameko zabafundi nothisha abasolwa ngokuba nesandla ekukopeleni, yikho nangesikhathi singaphakathi silandele umthetho obekiwe wokuthi amafoni angangeni nangengozi lapho okugaywa khona iphepha. Mina nje noNdunankulu, besingawaphethe.

“Ukuziqhelelanisa nezenzo zokukophela kuwukuvikela isithunzi sesifundazwe. Kuwumsebenzi wezakhamizi-ke ukuthi ziqinisekise ukuthi izigameko ezinjalo ziyabikwa,” esho.


Eqhuba, uthe umnyango unezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi kazikho izimo ezizophazamisa ukubhalwa kwezivivinyo esifundazweni.

“Sisebenza ngokubambisana noMnyango wakwaCogta ukuqinisekisa ukuthi izimo zezulu aziphazamisi ukubhalwa, siphinde sisebenzisane namaphoyisa kanje nonogada abazimele ukuqinisekisa ukuthi wonke amaphepha afika ezikoleni engonakele. Sixoxisana nanomasipala ukuqinisekisa ukuthi imibhikisho yemiphakathi ayiphazamisi ukubhala kwabafundi,” esho.


Undunankulu ubonge ukumenywa kwakhe ekubeni yingxenye yalolu hambo. Uthe inhloso enkulu yehhovisi lakhe wukuqinisekisa ukuthi isifundazwe sikhiqiza imiphumela emihle kaMattic. Ugqugquzele abafundi ukuba basebenzise leli thuba ukulungiselela izivivinyo zabo, basebenzise nezinsizakufunda abahlinzekwe ngazo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...