Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umnyango ugculisekile ngamalungiselelo ezivivinyo zikaMatric

Umnyango ugculisekile ngamalungiselelo ezivivinyo zikaMatric

by | 7 October 2025

NGUNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli, noMnu Sipho Hlomuka owengamele uMnyango wezeMfundo esifundazweni.

UGCIZELELE ukubaluleka kokwethembeka nokuzihlonipha kubafundi nakothisha abazobe besondelene nokubhalwa kwezivivinyo zikamatikuletsheni uNgqongqoshe weMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka.

UHlomuka usho lokhu namuhla ngoLwesibili, ngesikhathi umnyango wakhe ngokubambisana noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, behambele lapho kugaywa khona amaphepha ezivivinyo (question papers) zikaMatric akulo nyaka.

UHlomuka uthe umnyango ugculisekile ngendlela amalungiselelo ezivivinyo ahamba ngayo esifundazweni.

“Asifuni ukuzwa kuthiwa kunezigameko zabafundi nothisha abasolwa ngokuba nesandla ekukopeleni, yikho nangesikhathi singaphakathi silandele umthetho obekiwe wokuthi amafoni angangeni nangengozi lapho okugaywa khona iphepha. Mina nje noNdunankulu, besingawaphethe.

“Ukuziqhelelanisa nezenzo zokukophela kuwukuvikela isithunzi sesifundazwe. Kuwumsebenzi wezakhamizi-ke ukuthi ziqinisekise ukuthi izigameko ezinjalo ziyabikwa,” esho.


Eqhuba, uthe umnyango unezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi kazikho izimo ezizophazamisa ukubhalwa kwezivivinyo esifundazweni.

“Sisebenza ngokubambisana noMnyango wakwaCogta ukuqinisekisa ukuthi izimo zezulu aziphazamisi ukubhalwa, siphinde sisebenzisane namaphoyisa kanje nonogada abazimele ukuqinisekisa ukuthi wonke amaphepha afika ezikoleni engonakele. Sixoxisana nanomasipala ukuqinisekisa ukuthi imibhikisho yemiphakathi ayiphazamisi ukubhala kwabafundi,” esho.


Undunankulu ubonge ukumenywa kwakhe ekubeni yingxenye yalolu hambo. Uthe inhloso enkulu yehhovisi lakhe wukuqinisekisa ukuthi isifundazwe sikhiqiza imiphumela emihle kaMattic. Ugqugquzele abafundi ukuba basebenzise leli thuba ukulungiselela izivivinyo zabo, basebenzise nezinsizakufunda abahlinzekwe ngazo.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...