Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kwethulwe ubuholi obusha endlunkulu kaZulu

Kwethulwe ubuholi obusha endlunkulu kaZulu

by | 9 April 2025

UKHUZA ibuya emsebenzini waseNdlunkulu yesizwe samaZulu uMntwana uThulani Zulu waseZibindini.

Namuhla ngoLwesithathu iSilo uMisuzulu kaZwelithini senze izinguquko ebuholini bendlunkulu. Sethule uMntwana uThulani obuyela emsebenzini wakhe wokukhulumela iSilo, neNkosi uZuzifa kaMangosuthu Buthelezi.

Inkosi uButhelezi iqokelwe esikhundleni sokuba ngusihlalo womkhandlu wasendlunkulu. Kuzithombe-mnyakazo (videos) kuvela iSilo sisayina izincwadi zokuqokwa kwalaba baholi.

UMntwana uThulani uthe angeke aphawule kakhulu ngalolu daba. Uthe lesi sinyathelo senzelwe ndawana thile eThekwini.

“SiseThekwini lapho khona sibizwe yiNgonyama. Angeke ngenabe kakhulu ngalolu daba ngaphandle kokuthi kuzophuma isitatimende esinemininingwane ephelele,” esho.

Ezisematheni

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

UMBHISHOBHI Sandile Ndlela, webandla iMethodist Church eNtuzuma, ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe uMkhonto weSizwe Party (MKP) athi uphethe iNational Religious Desk kulona, njengoba esanda kushiselwa umuzi. Uthi njengoba bekunomoya omkhulu izolo ngoMgqibelo,...

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

IKHALE ngokungabi nanembeza nokwedelela ngokudlwengulwa kwesisulu eduze kwethuna likayise, iMantshi uW.J.J Schutte, igweba “umalugaju” waseRichards Bay. Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko, ngesikhathi iNkantolo yesiFunda saseRichards Bay, igixabeza lo “malugaju” uSanele...