
UKHUZA ibuya emsebenzini waseNdlunkulu yesizwe samaZulu uMntwana uThulani Zulu waseZibindini.
Namuhla ngoLwesithathu iSilo uMisuzulu kaZwelithini senze izinguquko ebuholini bendlunkulu. Sethule uMntwana uThulani obuyela emsebenzini wakhe wokukhulumela iSilo, neNkosi uZuzifa kaMangosuthu Buthelezi.
Inkosi uButhelezi iqokelwe esikhundleni sokuba ngusihlalo womkhandlu wasendlunkulu. Kuzithombe-mnyakazo (videos) kuvela iSilo sisayina izincwadi zokuqokwa kwalaba baholi.
UMntwana uThulani uthe angeke aphawule kakhulu ngalolu daba. Uthe lesi sinyathelo senzelwe ndawana thile eThekwini.
“SiseThekwini lapho khona sibizwe yiNgonyama. Angeke ngenabe kakhulu ngalolu daba ngaphandle kokuthi kuzophuma isitatimende esinemininingwane ephelele,” esho.