Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 URamaphosa akagudluki esinqumweni sokunikeza iSilo uMisuzulu isitifiketi sobukhosi

URamaphosa akagudluki esinqumweni sokunikeza iSilo uMisuzulu isitifiketi sobukhosi

by | 29 May 2025

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa usamile ekutheni wathatha isinqumo esifanele sokunika iNgonyama yamaZulu, uMisuzulu kaZwelithini, isitifiketi sokumamukela ngokusemthethweni nangokukahulumeni njengeNkosi yesizwe samaZulu.


Ummeli kaRamaphosa, u-Adv Marumo Moerane, utshele iNkantolo eNkulu yokweDlulisa amaCala eBloemfontein ngoLwesithathu ukuthi isinqumo sikaRamaphosa sisemthethweni, sinesisekelo, futhi sathathwa ngokungaxhamazeli.
U-Adv Moerane unxuse le nkantolo ukuba isiguqule isinqumo seNkantolo eNkulu yasePretoria, esethulwa yiJaji uMnu Norman Davies ngoZibandlela (December) wezi-2023. Kuleso sinqumo iJaji uDavies lachitha isinyathelo sikaRamaphosa sokunikeza iSilo uMisuzulu isitifiketi sobukhosi. UDavies wathi leso sinqumo asikho emthethweni.


Icala mayelana nesinyathelo sikaRamaphosa sokunikeza iSilo uMisuzulu isitifiketi sobukhosi, lafakwa ngabaNtwana baseNdlunkulu abaphikisana nokuhlonzwa kanye nokuqokwa kweSilo uMisuzulu njengofanele ukungena esihlalweni. Kulabo baNtwana abafaka isimangalo kukhona noMntwana uMbonisi kaBhekuzulu, uMntwana uVulindlela kaBhekuzulu, nabanye. Bakhala ngokuthi bakhishwa inyumbazane ohlelweni lokuhlonzwa nokuqokwa kofanele ukungena esihlalweni.
Abameli bakaRamaphosa bathi iJaji uDavies lashaya eceleni ngalesi sinqumo salo, yingakho befuna le nkantolo yaseBloemfontein ukuba isichithe.


Phakathi kwezinto u-Adv Moerane atshele inkantolo ukuthi isinqumo sikaRamaphosa sesekelwe kuzo, wumhlangano owawungomhla ka-14 kuNhlaba (May) 2021, kwaKhangelamankengane, owawuthanyelwe ngabaNtwana baseNdlunkulu, lapho kwahlonzwa futhi kwamenyezelwa igama lowayezongena esihlalweni. Okunye akubalule njengesisekelo sesinyathelo sikaRamaphosa, yisinqumo seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, esethulwa yiJaji u-Isaac Madondo ngoNdasa (March) wezi-2022.
IJaji uMadondo lakhipha isinqumo esavuna iSilo uMisuzulu ukuthi singofanele ukuba sesihlalweni. Lathi akunabufakazi obukhomba ukuthi kunofanele ukubangisana naso.


Ezethulweni zika-Adv Thabani Masuku omele uhlangothi loMntwana uMbonisi ugxile kulona iphuzu lokuthi ukuhlonzwa nokuqokwa kweSilo uMisuzulu akwenziwanga ngendlela efanele, ngokomthetho wesintu.
Uthi kulo mhlangano wangomhla ka-14 kuNhlaba 2021, okwamenyezelwa kuwo igama leSilo uMisuzulu kunabantwana basendlunkulu abaqavile, ababengekho, okubalwa kubo nabafowabo beSilo esebuza, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu. Inkantolo itshelwe ukuthi laba bantwana ababengekho baneqhaza elikhulu okumele balibambe ohlelweni lokuhlonzwa nokuqokwa kwenkosi okumele ingene esihlalweni.
Inkantolo ibuze ukuthi kushiwo kanjani ukuthi oMntwana uMbonisi bakhishwa inyumbazane ekubeni wayemenyiwe kulo mhlangano, kodwa wangasemukela isimemo.
U-Adv Masuku uthi empeleni umhlangano wangomhla ka-14 kuNhlaba (May) 2021 kwakungewona owokuhlonzwa nokuqokwa kowayezongena esihlalweni, kodwa kwakuwumhlangano wokwenza imikhuba ethile ehambisana nokuzila, kodwa okwathi kusuka wabe ususetshenziswa ukuhlonza nokuqoka iSilo. Uthi abanye abaNtwana abayanga kulo mhlangano ngoba babazi ukuthi ngowokuqhuba leyo mikhuba yokuzila, engadingi ukuthi kube khona bonke abaNtwana. Uqhube watshela inkantolo ukuthi kulo mhlangano okwahlonzwa kwamenyezelwa iSilo uMisuzulu, kunabantu abaningi ababekhona okungamele babe yingxenye yohlelo lokuhlonzwa nokuqokwa kozongena esihlalweni – ngakho lowo mhlangano ngeke uthathwe njengowawufanele.
Elinye iphuzu elibalulwe ngu-Adv Masuku lokuphikisa isinyathelo sikaRamaphosa, wukuthi okwenza baphikisane nesinyathelo sikaRamaphosa wukuthi akazange axhumane ngendlela efanele nezinhlaka okwakufanele axhumane nazo ngaphambi kokuthatha isinqumo. Utshele inkantolo ukuthi uRamaphosa akazange axhumane noNdunankulu wesifundazwe, ekubeni undunankulu eyingxenye yabantu abasemqoka okwakumele uRamaphosa axhumane nabo.
NgoLwesine uqhubekile u-Adv Masuku nezethulo. Ukulalelwa kwezethulo zezinhlangothi zombili bekubekelwe izinsuku ezimbili uLwesithathu noLwesine.

Ezisematheni

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...