Ilanga News
Home 9 Featured 9 UNtuli uyale abaholi bakusasa kowase-DUT

UNtuli uyale abaholi bakusasa kowase-DUT

by | 3 July 2026

YETHULWE uNdunankulu wesifundazwe KwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli inkulumo yokwakha abaholi bakusasa abanohlonze abahola izitshudeni emanyuvesi akuleli namazwe omhlaba.

Le ingqungquthela eqale mhlaka – 30 kuyona lenyanga, ubanjelwe eDurban University of Technology(DUT) eThekwini, izophethwa namhlanje ngoLwesihlanu.

UMnu Ntuli utshele izitshudeni ukuthi ukuthuthuka koMnotho nokwakhiwa kwezwe elizinzile, kulele kuzona.

Kule ngqungquthela kuhlangene imkhandlu yezitshudeni ehola emanyuvesi I-Student Representative Council(SRC). Utshele izitshudeni ukuthi njengoba zihola phambili emanyuvesi, kumele zicabangele ikusasa ekuholeni kwazo.

“Ukuqokwa ukuba uphathe abantu, akuyona into elula. Ngakho-ke ikusasa Labantu lisezandleni zenu ngoba umthente uhlaba usamile. Kungenzeka ukuba Uma seniqedile ukufunda, niqokwe nihole emazingeni ezifundazwe nakuzwelonke,” kusho uMnu Ntuli.

Uthe umnotho wakulelizwe usezandleni zabo uma bezophatha ngobuqotho kusukela kusona lesi sigaba sasenyuvesi.

Ngakolunye uhlangothi umphathi waseDUT uSolwazi Thandwa Mthembu, uthe ukuhlanganiswa kwabaholi bezitshudeni kule ngqungquthela yokucobelelwa kwabo ngolwazi, kungenxa yokuthi nemibhikisho yezitshudeni emanyuvesi elimaza nengqalasizinda, iholwa phambili yibona abaholi.

Uthe okuhlosiwe ngukuthi bacijelwe ikusasa nokuhola ngobuqotho ukuze bakwazi ukuthatha izinqumo zokuhola abantu ngendlela efanele.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...