Ilanga News
Home 9 Featured 9 UNtuli uyale abaholi bakusasa kowase-DUT

UNtuli uyale abaholi bakusasa kowase-DUT

by | 3 July 2026

YETHULWE uNdunankulu wesifundazwe KwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli inkulumo yokwakha abaholi bakusasa abanohlonze abahola izitshudeni emanyuvesi akuleli namazwe omhlaba.

Le ingqungquthela eqale mhlaka – 30 kuyona lenyanga, ubanjelwe eDurban University of Technology(DUT) eThekwini, izophethwa namhlanje ngoLwesihlanu.

UMnu Ntuli utshele izitshudeni ukuthi ukuthuthuka koMnotho nokwakhiwa kwezwe elizinzile, kulele kuzona.

Kule ngqungquthela kuhlangene imkhandlu yezitshudeni ehola emanyuvesi I-Student Representative Council(SRC). Utshele izitshudeni ukuthi njengoba zihola phambili emanyuvesi, kumele zicabangele ikusasa ekuholeni kwazo.

“Ukuqokwa ukuba uphathe abantu, akuyona into elula. Ngakho-ke ikusasa Labantu lisezandleni zenu ngoba umthente uhlaba usamile. Kungenzeka ukuba Uma seniqedile ukufunda, niqokwe nihole emazingeni ezifundazwe nakuzwelonke,” kusho uMnu Ntuli.

Uthe umnotho wakulelizwe usezandleni zabo uma bezophatha ngobuqotho kusukela kusona lesi sigaba sasenyuvesi.

Ngakolunye uhlangothi umphathi waseDUT uSolwazi Thandwa Mthembu, uthe ukuhlanganiswa kwabaholi bezitshudeni kule ngqungquthela yokucobelelwa kwabo ngolwazi, kungenxa yokuthi nemibhikisho yezitshudeni emanyuvesi elimaza nengqalasizinda, iholwa phambili yibona abaholi.

Uthe okuhlosiwe ngukuthi bacijelwe ikusasa nokuhola ngobuqotho ukuze bakwazi ukuthatha izinqumo zokuhola abantu ngendlela efanele.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...